Abaholi bentsha bakhala esifanayo
NJENGOBA kubungazwa inyanga yabasha, sisesikhulu isililo entsheni mayelana nokuntuleka kwamathuba emisebenzi njengoba kubukeka kungekho okutheni okwenziwa yizikhungo ezasungulelwa ukuyisiza.
Abaholi babantu abasha ezinhlanganweni ezehlukene bathi kumele ngabe ayisakhulunywa indaba yokuthi izinga lokungasebenzi kwabantu liphezulu ngale ndlela, njengoba selize lafinyelela ku-27.7%, iningi labo okuyintsha.
USihlalo we-IFP Youth Brigade, uMnuz Mkhuleko Hlengwa oyilungu lePhalamende kuzwelonke, uthe izikhungo ezifana neNational Youth Development Agency (NYDA), i-Industrial Development Corporation (IDC) nezinye okumele zihlinzeke intsha ngemali yokusungula amabhizinisi, zifana nento engekho. Uthe njengoba umnotho wakuleli utabalasa wehluleka ngisho ukukhula ngo-0,5%, bekungaba yisu elihle ukube intsha iyanikezwa imali yilezi zikhungo ukuze ilekelele ekukhuliseni umnotho wezwe. “Umkhuhlane wenkohlakalo yiwona ohlasele lezi zikhungo okumele ngabe zisiza intsha ukuthi isungule amabhizinisi ayo ukuze iqashe abanye abantu abasha.”
Uthe uma kwenzekile intsha ethile yathola leyo nkeshazana yemali, kuba yimali encane egcina iholele ekutheni amabhizinisi asungulwa abantu abasha, avume phansi emva kweminyaka emibili ngenxa yokungasekwa ngendlela efanele. “Imali okumele ngabe itholwa yintsha inikezwa abantu abangayidingi beqembu elithile abavele sebethuthukile, intsha ingcina isalele emuva. Thina kwi-IFPYB sikholelwa ukuthi intsha iyona engakwazi ukuqhamuka nezinto ezizokwazi ukuthi zenze ukuba izwe liqhubeke liye phambili ngoba ingabaholi bakusasa, yingakho nabafundi ababebhikishela imfundo yamahhala benganakwa ngoba inhlangano ephethe izwe ayiyikhathalele imfundo yabantu abasha.”
Ubuze ukuthi yini le engaka engaze idinge ukuthi kwenziwe iKhomishini yoPhenyo ekubeni kusobala ukuthi abantu abasha ezikhungweni zemfundo ephakeme bafunani.
Ukhale nangokusatshalaliswa kwemali enikezwa abafundi ngokohlelo lwe-National Student’s Financial Aid Scheme (NSFAS) ukuthi nalo lushiya imibuzo kunezimpendulo.
Ngakolunye uhlangothi uMnuz Swelakhe Shelembe ongumholi wentsha ye-DA, uthe ukuhlalwa kukahulumeni ngobhongwane umndeni wakaGupta, kuyizinkomba zokuthi “akukho okuhle okuhlelelwa abantu abasha kuleli”. “Uma kungami ukudliwa kwemali ngalolu hlobo, ngeke baze babe khona abantu abasha abanamakhono nabazobamba iqhaza emnothweni,” kusho uShelembe.
Uthe ngo-2012 bamasha beyintsha ye-DA beyocela ukuthi okungenani uhulumeni akaqashe ingxenye yabantu abasha kuyo yonke imikhakha yokusebenza ukuze nabo bameleke ngendlela efanele.
UShelembe uthe nokwandiswa kwezikhungo zemfundo ephakeme zokuqeqesha othisha ezinye zezinto abaziphakamisa ukuthi kumele uhulumeni azibhekisise ukuze intsha ithuthuke.
Naye uhambe emazwini kaHlengwa, wathi izikhungo okuhloswe ukuthi zinikeze abantu abasha imali yokuzithuthukisa, aziwenzi kahle umsebenzi, imali igcina iququdwa osopolitiki.
UNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo uthe bona bazishaya isifuba ngezinto asebezizuzele intsha.
“Sikhuluma nje sekuno-40% wentsha ezikhundleni kuhulumeni, sibala intsha engamakhansela, izimeya kanti kukhona nabanye ababehola intsha esebengoNgqongqoshe,” usho kanje.
USabelo uthe okunye asebekuzuzile ukuthi kuyo yonke iminyango kahulumeni KwaZulu-Natal kube khona amaYouth Directorates. “Ngaphandle kwalokho abantu abasha sesibafake emabhodini ezinkampani okubalwa kuzo eThala nase-KZN EzeMvelo Wildife.”
USabelo uthe eThekwini sebezuze ukuthi kuqiniswe ihhovisi lentsha njengoba sekunesiphakamiso sesabelo-mali salo esingaphezu kukaR1 billion.