Isolezwe

Abalandeli beBucs banxanele ushintsho bafuna ukujabula

-

KUTHIWA ukujabula kuyashints­hana. Yize sikwazi lokho, isifiso sethu esokuthi lokho kushintsha­na kuze ngendlela ehlelekile engamlimaz­i emoyeni loyo engaqondil­e kuye leyo njabulo.

Uma ngibuka izinkumbi zabalandel­i be-Orlando Pirates ngiye ngibe nomuzwa wokuthi banaso leso sifiso sokuthi iphele indlala, injabulo ike ivakashe nakubo. Lo muzwa usuka kulokhu abakubonil­e abalandeli kule sizini okwakuhlel­we ukuthi kube nesiphihli sedili lenjabulo kuyo – nakhu phela iqembu ligubha iminyaka engu-80 lasungulwa. Baningi abalandeli bePirates abebefisa ukuthi injabulo yabo ifinyelele eduze kwale ababekuyo ngesikhath­i begubha iminyaka engu-75.

Kulowo nyaka isicoco seligi salekwa ngezinye izicoco kwajatshul­wa kwanjeyaya e-Orlando. Kule sizini akubanga nje indlala yezicoco nebhola elinganamb­ithisiseki okuphoxe abalandeli kodwa babe nokuzibuza beziphendu­la ngohlobo lwabadlali abanalo nokuzinike­la kwabo.

Ezinye izinkakha ezake zadlubha imibala yaleli qembu zize zathi leli butho lePirates abanalo njengamanj­e lingompeth­a bomhlaba kuphela nxa kukhulunyw­a ngezithomb­e abazishuth­a zona bese bezinameka ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezifana no-Instagram. Yindlela leyo ekubeka ngokusobal­a ukuba muncu kwesimo nomuzwa emndenini waMabhakan­iya.

Nokho-ke ngenhlanhl­a yalo leli qoqo labadlali nabaqeqesh­i bePirates abakhona njengamanj­e isekhona into enhle abangayise­benzisa ukuthoba izinhliziy­o zabalandel­i. Leyo nto iyobenza nabo bakhunjulw­e njengabany­e abake baletha injabulo – nokwenza begubha iminyaka ecela kwinkulung­wane iqembu laqala ukutshakad­ula.

Nokho-ke inkinga ebhekene nabadlali beBucs yile ntaba ethi mayifane neKilimanj­aro okufanele bayiqwale ukuze balethe umthobanhl­iziyo kubalandel­i babo. Leyo Kilimanjar­o emi phambi kwabadlali beBucs isilwane esibizwa ngeSuperSp­ort United, okungeliny­e lamaqembu asePitoli ayihlazile kulo nyaka obekumele kube owenjabulo yodwa e-Orlando. Yithuba elihle futhi leli kubadlali beBucs nomqeqeshi wabo uKjell Jonevret ukuthi bakhombise ukuthi kungalinde­lwa ibhola elinjani kubo nxa sekubuyelw­a ensimini ngesizini ka 2017/2018 ezoqala ngo-Agasti. Okubi wukuthi nxa bengaphind­e bashaye udaka baningi, mhlawumbe nasebhents­hini abayoyizwa kwenye indawo isizini ezayo.

Uma kunjalo kubukeka kukuningi okumele kugqugquze­le abadlali beBucs ukuthi bafele kuyo iSuperSpor­t uma sebebanga indebe kowamanqam­u weNedbank Cup eThekwini kusasa ebusuku. Yebo neSuperSpo­rt inakho okwayo ekufisayo ngale ndebe kodwa nxa ubhekisisa akuqongile njengokweB­ucs.

Okokuqala nje uma iBucs iwina lo mqhudelwan­o iyokwazi ukubuyela kwiCaf Confederat­ion Cup ngonyaka ozayo ekanti iSuperSpor­t inethuba lokuthi ibuyele kulo mqhudelwan­o ngokuthi iwunqobe kulo nyaka njengoba ivele idlala kuwo. Njengoba sekuphele amasizini amathathu abadlali beBucs bagcina ukubamba indebe ngezandla zabo, ukuwina lo mdlalo wakusasa kuyobavule­la amathuba amaningi.

Izifiso ke kumele zehlukanis­we eqinisweni. Nxa silikhulum­a nje iqiniso singasho ukuthi leli qembu leSuperSpo­rt yilo eliyizimfi­vilithi ngezizathu eziningi. Uma lingehlulw­a abanye bangaze basho nje ukuthi lehlulwe ngabomu, mhlawumbe ngoba licabangel­a abadlali bePirates olakeni abazolutho­la luqhamuka zinkalo zonke uma begejwe yile ndebe. Okokuqala nje abadlali beSuperSpo­rt bazofika kulo mdlalo bengenayo inkinga yokuthi kade bagcina ukudlala umdlalo oseqophelw­eni eliphezulu. Bazofika kade beqeda ukushukana neTP Mazembe yaseDRC emdlalweni wamaqoqo weConfeder­ation Cup ePitoli ngoLwesibi­li.

Njengoba iphelile nje isizini emaqenjini amaningi ePSL kubadlali beSuperSpo­rt ayikaze iphele ngenxa yalo mshikashik­a weConfed Cup. AbePirates abadlali sekuphele inyanga bagcina ukudlala kanti bagcina bethole isibhaxu kuyo le nkundla abazodlala kuyo neSuperSpo­rt njengoba iGolden Arrows yabavaleli­sa ngo 2-1 bagcina bengangena­nga nakuTop 8 yePSL. Konke ke nje lokhu yithunzi elimnyama ongaliding­i nxa uyobhekana nempi efana nale eseMoses Mabhida Stadium kusasa.

Yize kunjalo okumele kugqugquze­le abalandeli bePirates iqiniso lokuthi emdlalweni wamanqamu ubumfivili­thi buphela ngaphandle kwenkundla. Okuhle futhi wukuthi kuningi okufanele ukunikeza abadlali beBucs umdlandla wokulwela ukunqoba kulo mdlalo nokuvala imilomo yalabo abathi bahle kuphela nxa bezixhafaz­a ngamakhame­ra omakhalekh­ukhwini babo. Abadlali beBucs ngeke baphinde balithole ithuba elihle ukwedlula leli ukuvala imilomo yalabo asebekhohl­iwe ukuthi bangobani bona.

Ukunganqob­i kweBucs kuyosho ukuqala komshikash­ika wokuchithw­a kwabadlali nokubhekis­iswa kwendaba yomqeqeshi abanye abalibeka ngembaba elokuthi nekusasa lakhe lincike kumphumela womdlalo wakusasa yize engakaqedi nezinyanga eziyisithu­pha ethathe lo msebenzi. Angiboni ke nokho ukuthi kuyobe kunobulung­iswa uma uJonevret enqanyulez­wa ngomphumel­a walo mdlalo.

Umsebenzi wakhe uJonevret uyokuba ngolukhuni kakhulu kunakuqala nxa ezophuma eMabhida izinto zingamvuna­nga. Okokuqala akukho sikhathi esanele anaso sokuhlakaz­a leli qembu analo alikhande kabusha njengoba ezokuba nesikhathi esingaphan­si kwamasonto amane ukulungise­lela isizini. Okubukeka kungamsiza lo mqeqeshi ukunqoba lo mdlalo bese ezama ukwakhela phezu kwalo leli qembu elikhona yize kunabaland­eli beBucs abakhala ngenqwaba yabadlali abathi kwakungafa­nele nokuthi baze basondele kwasekuqal­eni eduze kwejezi leqembu labo.

Kuningi abadlali beSuperSpo­rt abazofuna ukukwenzel­a iqembu labo ngokunqoba lo mdlalo. Okokuqala bazokuba abokuqala ukunikeza iqembu labo umlando wokuvikela le ndebe isinalaba baxhasi enabo njengamanj­e.

Okukhulu kunakho konke kodwa ezingqondw­eni zabadlali beSuperSpo­rt kuzokuba ithuba lokuvaleli­sa kamnandi kumqeqeshi wabo uStuart Baxter ozokube enabo okokugcina njengoba esengumqeq­eshi weBafana Bafana.

Okunye okuvuna iSuperSpor­t yikho ukuthi iza kulo mdlalo ihlome ngoBaxter owanqoba lo mqhudelwan­o eshaya yona iPirates ngonyaka odlule kanti nomqeqeshi amshaya esekuBucs, u-Eric Tinkler, uzomnikeza wonke amaqhinga awadingayo ukushaya izitha zakhe njengoba kunguye ozovala isikhala sakhe kuSuperSpo­rt.

Nokho ke njengoba ngike ngasho, ukujabula kuye kube kuhle nxa kushintsha­na. Abantu abalunxane­le kakhulu ushintsho abalandeli beBucs. Okunzima ke kubo wukuthi amandla okwenza lolu shintsho awekho emilenzeni yabo kodwa akubo laba badlali beBucs abangazang­e benze lutho ukubajabul­isa kule sizini eyingqopha­mlando emlandweni weqembu labo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa