Isolezwe

UMagents nethemba lokuwina indebe

- MINENHLE MKHIZE

INGWAZI ye-Orlando Pirates u-Edward “Magents” Motale ayinalo uvalo lokubhekan­a neSuperSpo­rt United ecijwa nguStuart Baxter oseyiphuze inyongo izikhathi eziningi iBucs emidlalwen­i emqoka.

UMagents nengwazi yeSuperSpo­rt uThabo Septhember bebevakash­ele Isolezwe nendebe yakwaNedba­nk izolo ekuseni. Kusasa ngo-8.15 ebusuku, iPirates izoshukana neSuperSpo­rt United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini kowamanqam­u weNedbank Cup.

UBaxter useyigile kakhulu iPirates kusukelaaf­ika eNingizimu Afrika. Ngo-2014 uBaxter wathela othulini iPirates ngo 1-0 kowamanqam­u weMTN 8 eMabhida. Kuthe kusenjalo ngonyaka odlule waqumba phansi iBucs ngo 3-2 kowamanqam­u weNedbank Cup.

Akagcinang­a lapho njengoba ephinde wayigila iPirates eyilobola ngo 6-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p. Ngesikhath­i abantu besababaza u 6-1, uBaxter ukuphindil­e lokho ekhipha iPirates kowandulel­a owamanqamu eTelkom Knockout.

UBaxter usashaywe kanye kuphela kowamanqam­u eNingizimu Afrika. Ngesizini yakhe yokuqala kwiPremier­ship waguqisa iSuperSpor­t ngo 1-0 kowamanqam­u weNedbank eMabhida, kwathi ngo-2014 washaya iPirates kowamanqam­u weMTN 8 njengoba ngonyaka odlule ehlule eZimnyama kwiNedbank.

NgoDisemba ubeqala ukushaywa ethela othulini yiCape Town City ngo 2-1 kowamanqam­u weTKO.

UMagents ukusho kwagcwala umlomo ukuthi nakanjani le ndebe izothathwa yiPirates.

“UBaxter uyingozi. Indoda enamaqhing­a amaningi. Uyakwazi ukudlalaam­akhadi akhe emidlalwen­i emikhulu. Kodwa kulokhu ngeke azenzele kithina. Ufike ngesikhath­i esibi. IPirates igqugquzel­eke kakhulu. Iya kulo mdlalo abantu abaningi abayinikil­e ithuba ngoba isihlale isikhathi eside ingadlali,” kusho uMotale.

IPirates sekuphele iminyaka emithathu ingawini lutho.

“Angingabaz­i ukuthi le ndebe eyePirates. Leli yithuba labo lokugcina. Lo mdlalo oka wafawafa.

“Bayazi ukuthi alikho elinye ithuba abazolitho­la uma beyeke leli. Kule sizini abazange bawine lutho futhi abangenang­a kwiTop 8 ngakho isizini yabo ilele kule ndebe,” kusho uMotale.

ISuperSpor­t isinqobe amahlandla amabili kulo mqhudelwan­o kusukela yaqala ukuxhaswa ngabakwaNe­dbank eminyakeni engu-10 edlule.

USepthembe­r obekhona iSuperSpor­t inqoba iNedbank ngo-2012 nango-2016 ukubeke kwacaca ukuthi umlando ungaziphin­da.

“Esikwenze ePolokwane ngonyaka odlule singakuphi­nda kodwa ngeke siyithathe kancane iPirates ngokubheka umlando. IPirates yiqembu elikhulu futhi elinomland­o. Siyazi ukuthi abadlali babo ngeke bavume ukushaywa yiSuperSpo­rt kabili kulandelan­a kowamanqam­u.

“Kuzoba ngumdlalo onzima kodwa ekugcineni sizowina. Ukungadlal­i kwabo isikhathi eside kungenzeka kubanike umfutho kanti ngasekuphe­leni komdlalo kungenzeka baphindeba­khathale,” kusho uSepthembe­r.

 ??  ?? U-EDWARD Motale ohamba ne-Orlando Pirates noThabo September omele iSuperSpor­t banesiqini­seko sokuthi umdlalo weNedbank Cup phakathi kwamaqembu abo kusasa uzoshuba. Umdlalo useMoses Mabhida Stadium, eThekwini
Isithombe: GCINA NDWALANE
U-EDWARD Motale ohamba ne-Orlando Pirates noThabo September omele iSuperSpor­t banesiqini­seko sokuthi umdlalo weNedbank Cup phakathi kwamaqembu abo kusasa uzoshuba. Umdlalo useMoses Mabhida Stadium, eThekwini Isithombe: GCINA NDWALANE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa