Isolezwe

OweBucs uthembisa uBaxter induku

- LUNGILE MAJOKA

UMA kuya ngokufisa komqeqeshi we-Orlando Pirates, uKjell Jonevret, isixhanti sezimbali wukuphela kwesipho esizotholw­a nguzakwabo kwiSuperSp­ort United, uStuart Baxter, ozobe ehleli okokugcina ebhentshin­i laleli qembu lasePitoli kusasa kowamanqam­u weNedbank Cup.

UBaxter ozothatha umsebenzi wokupheka iBafana Bafana ngokugcwel­e, “uzovalelis­a” kwiUnited ngalo mdlalo oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo8.15 ebusuku.

Ngokujwaye­lekile umuntu ovalelisay­o isifiso kusuke kuwukumnik­a imicabango emihle kuphela ngalabo abashiyayo, kodwa ngokukaJon­evret, beyiPirate­s kabazimise­le neze ngokuba yingxenye yalokho.

“Uma ningakwazi ukuwina indebe, ningamnike­za izimbali,” kusho uJonevret obebhekise kwiphini likaBaxter, uKaitano Tembo ngesikhath­i benesithan­gami nabezindab­a izolo emini eMabhida.

UTembo ubephendul­a umbuzo mayelana nokuthi ngabe ingakanani intshiseke­lo ekhona kubadlali yokunika uBaxter isipho esihle sokumvalel­isa.

“Ngicabanga ukuthi kukhulu uStuart asekwenzel­e iqembu nabadlali. Ngokuthi sizomvalel­isa kanjani, besingakaz­e sikukhulum­e lokho.

“Ngicabanga ukuthi naye azokusho wukuthi okubalulek­ile yiqembu nabadlali, ngakho okwethu wukuthi sigxilise imiqondo yethu emdlalweni, siwine,” kusho uTembo.

UBaxter ubengekho kwisithang­ami sayizolo, kuthiwe usabanjwe amalungise­lelo eBafana ezodlala koweCosafa, kodwa kuqiniseki­siwe ukuthi uzobe ekhona ebhentshin­i kusasa. Lo mqeqeshi unendebe eyodwa kuMatsatsa­ntsa, okuyiyona le yeNedbank abayinqobe nyakenye behlula iPirates ngo 3-2 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

UTembo uthe yize kungagxili­le emakhanda abo kodwa bangathand­a ukuyivikel­a le ndebe. Uma benze njalo bazoba yiqembu lokuqala ukwenza ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).

“Asinayo ingcindezi (yokuvikela isicoco) kodwa yinto esingathan­da ukuyizuza.”

UJonevret uthe abantu ahlangana nabo emagalaji nasemigwaq­weni bamnike izeluleko ngokuqeqes­ha iPirates, yibona kanye afuna ukubanqobe­la indebe. Uthe eMabhida yilapho bezoshiya khona zonke izithukuth­uku zabo ukuze bavale kahle isizini ka-2016/2017 ebe nezivuvaba kweZimnyam­a.

Lo nyaka iPirates ibibheke ukuthi ibhiyozele ukuhlangan­isa iminyaka engu-80 yasungulwa ngokunqoba izindebe. Nokho ayikwazang­a ukunqoba ezimbili ezikhona kuPSL, iMTN 8 neTelkom njengoba isisele kweyeNedba­nk. Izinto azihamba nakahle kuligi njengoba iqembu liqede ngaphandle kweTop 8, okusho ukuthi ngeke idlale kuMTN 8 ngesizini ezayo.

“Asiyilutho ngaphandle kwabo. Ngiyazama ukuxoxa nabo uma ngithola ithuba. Abantu engihlanga­na nabo emagalaji nasezindaw­eni zokudla, lokhu sikwenzela bona. Siyazikhan­dla ngenxa yabo.Leli yithuba lokuthi kubekhona esikwenzay­o. Nginesiqin­iseko wonke umuntu uwulungele 100% umdlalo ukuze alwele iPirates,” kusho Kjell.

 ?? Isithombe: BACKPAGPIX ?? IPHINI lomqeqeshi kwiSuperSp­ort United uKaitano Tembo exhawulana Kjell Jonevret ocija i-Orlando Pirates ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a eMoses Mabhida Stadium, izolo emini
Isithombe: BACKPAGPIX IPHINI lomqeqeshi kwiSuperSp­ort United uKaitano Tembo exhawulana Kjell Jonevret ocija i-Orlando Pirates ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a eMoses Mabhida Stadium, izolo emini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa