Isolezwe

UJayiya akasafuni ukugcogcom­a

- ZAKHELE XABA

KUNKENTEZA amazwi kanina ezindleben­i zomdlali weCape Town City, uBhongolwe­thu Jayiya, okuvela ukuthi ufunwa yinqwaba yamaqembu kwi-Absa Premiershi­p.

UJayiya ungomunye wabadlali abashaye into ecokeme kwiCity ngaphansi kobuholi bomqeqeshi u-Eric Tinkler omenyezelw­e njengozoph­eka iSuperSpor­t United ngesizini ka-2017/2018. Inkontilek­a yakhe neCity iyaphela ekupheleni kwenyanga nokusho ukuthi angajoyina noma yiliphi iqembu.

Emasontwen­i edlule kuvele ukuthi ufunwa yinqwaba yamaqembu okukhona kuwo iKaizer Chiefs efuna ukuqinisa isikwati sayo ngaphambi kokuqala kwesizini entsha. UJayiya ungomunye wabadlali abangonxiw­a lingamili mbuya ebholeni laseMzansi kwazise usegcogcom­e amaqembu amaningi adlala kuwona isizini eyodwa kuphela.

Ekuqaleni kwesizini ka-2013/2014 ubolekiswe yiBidvest Wits kwiMaritzb­urg United, wadlala isizini eyodwa. Ngeka2014/2015 udlale kwiMpumala­nga Black Aces. Ngesizini ka-2016/2017 uyibambe kwiCape Town City.

“Ngesikhath­i ngifika ekhaya ekupheleni kwesizini umama ungibizile wangitshel­a ukuthi sengiwadla­lele amaqembu ahlukene futhi ngenza kahle. Kodwa ubona sekuyisikh­athi sokuthi ngidlalele elinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika. Lokho kuyisifiso sabo bonke abadlali kodwa asilinde sibone ukuthi kuzokwenze­kani,” kusho uJayiya.

“Ngidinga iqembu elizoba yikhaya lami manje, sengigcogc­ome kakhulu. Kodwa engikubona­yo ukuthi ngenza kahle uma ngingekho ekhaya ngoba ngisuke nginganeth­ezekile. Inkontilek­a yami neCity iyaphela ekupheleni kwenyanga futhi maningi amaqembu engikhulum­a nawo.”

ICity ehlanganis­we ekuqaleni kwesizini edlule, iwine indebe yeTelkom Knockout. Ngaphandle kwalokho iqede endaweni yesithathu kwi-log yePremiers­hip. Usihlalo weCity, uJohn Comitis usevele uphumele obala ngokuthi ufuna ukuqinisa isikwati sayo ngokusayin­isa abanye abadlali. Usanda kuqasha uBenni McCarthy njengomqeq­eshi.

“Ngeke ngiwuvale umnyango kwiCity ngoba inomqeqesh­i omusha. Izinto kuyenzeka zihlangane ngemizuzu yokugcina. Ngingathan­da ukusebenza noBenni kodwa ngizolinda ngibone ukuthi kwenzekani,”kusho uJayiya.

“Sisebenze kahle eKapa njengeqemb­u kwazise besivele sijwayelen­e singabadla­li. Abantu bebengalin­dele ukuthi singenza lokhu esikwenzil­e kodwa konke bekungenxa yokubambis­ana.”

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa