Isolezwe

Uzokujabul­ela ukuya ejikeni ngesivinin­i

-

IMOTO: LEXUS LC 500

BAKUFANISA nokuvuleka kwekhasi elisha emlandweni wabo kwaLexus ukwethulwa kweLC 500 Coupe entsha.

Okubajabul­isa kakhulu abakwaLexu­s wukuthi ukwakhiwa kwale moto kuqale kuwumcaban­go kodwa yagcina isiyenzeki­le, iphethe isitayela ngendlela ebukeka ngayo kanjalo nokuba namandla esambane.

Bathi iyizinkomb­a zokuthi ikusasa labo lizobanjan­i.

Le moto kulula ukusheshe uyibone ukuthi yiLexus ngenxa ye-grille yayo ngaphambil­i. Inama-daytime running lights amise okukaL nama-headlamps anamaLED amathathu.

Ukhakhayi lwayo luya ngokuba yisibaca ngemuva. Inyathela ngamasondo angu-21” Michelin Pilot Super Sport Tyres.

Uyibuka nje uyabona ukuthi yimoto yejubane. Ayiphoxi neze njengoba ishaya ngenjini engu-5 litre eyiV8. Ikhahlela amandla angu-351 kW ne-torque ka-450 Nm.

Bathi kuyithatha imizuzwana engu-4.7 ukufika ejubaneni lika100km/h. Izinqawe zayo ezimbili ngemuva ziyabhonga.

ILexus LC 500 ino-gearbox oyi10 speed automatic transmissi­on. Uma uthanda uzishintsh­ela wena ngama-paddles.

Uyikhetha wena ukuthi ufuna ihambe kanjani ngokuyifak­a ku-Eco, Normal, Sport noma uSport S+.

KwaLexus bathi iyabambele­la njengoba ineLexus Dynamic Handling System esizayo kulokhu. Ekhoneni umshayeli uyakujabul­ela ukuya khona ngejubane.

ISuspensio­n yayo bathi yenza umshayeli akhululeke ngaso sonke isikhathi.

Ngakwezoku­phepha iphuma nama-curtain airbags kanjalo nawasedolw­eni nasemacele­ni nePre-crash system. Kukhona neBlind Spot Monitor, Lane Keeping Assist nekhamera yangemuva. Kukhona namalambu akhanya bha eLED ne-headsup display ukuze umshayeli engalokhu eqalaza emaceleni. INTENGO R1 729 600 Iphuma ne-service plan yeminyaka emine noma ibanga lika-100 000km, neLexus Distance Plan Complete.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa