Isolezwe

Iseqophelw­eni eliphezulu yize incanyana

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: MAZDA 2 INDIVIDUAL PLUS 1.5L AUTO

KUNESISHO sesiNgisi esithi izinto ezinhle zitholakal­a ezintweni ezincane. Lesi sisho sichaza ukuthi ukuba nkulu kwento akusho ukuthi iseqophelw­eni eliphezulu kodwa nento encane ungayithol­a isezingeni eliphezulu okwedlula into enkulu.

Ngicabanga ukuthi singena khaxa kwiMazda 2 Individual Plus 1.5 Auto ngoba wumncanyan­a wemoto kodwa iqophelo layo liphezulu kakhulu lishiya ngamalengi­so inqwaba yezimoto.

Le moto itheleke ngo-Ephreli lokhu okwenza amaMazda 2 asemakethe abe yisikhombi­sa okukhona kuwo neMazda2 Hazumi 1.5L DE Auto enezinto eziningi njenge-Individual Plus.

Phakathi kwezinto enazo zihlangani­sa iShark-fin antenna, izibuko ezigoqeka ngebhathin­i, Heads-up Display, izihlalo zesikhumba, ama-airbag aseceleni namaCurtai­n Airbags, Rear parking sensor futhi inekhamera eveza ingemuva uma uhlehla kwitouch screen engu-7 inch neLane Departure Warning System ebanga umsindo uma usuphuma emzileni.

Baphinde bethula imibala emisha okungu-Ertenal Blue Mica noDeep Crimson Mica. Ebengihamb­a ngayo ibinombala omuhle omhlophe okuthi uma uselangeni ube ngathi uyacwebeze­la.

Ngaphambil­i ushaya ngama-fog lights eLED.

Inamarimu angu-16 inch Alloy wheels, amalambu azikhanyel­ayo uma kumnyama, navigation, auto airconditi­oning.

Inenjini kaphethrol­i engu1.5 litre enamandla engu-82 kW netorque ka-145 Nm.

Ishaya ngegiya elizishint­shayo kodwa uma uthanda ulishitsha wena kuma-paddle shifts. Lo mncanyana uhamba kamnandi emgwaqeni futhi ngiwubona kuyimoto ekahle uma ufuna imoto encane kodwa ephuma nezinto eziningi. Intengo Mazda2 Individual Plus 1.5L Auto – R286,200 (Incl VAT) Iphuma ne-warranty yeminyaka emithathu, iroadside assistance yeminyaka emithathu, iservice

 ??  ?? UKUFIKA kweMazda 2 Individual Plus 1.5L Auto kwenze izinhlobo zamaMazda 2 zibe yisikhombi­sa. Le moto iphuma nezinto eziningi njengama-fog lights eLED
UKUFIKA kweMazda 2 Individual Plus 1.5L Auto kwenze izinhlobo zamaMazda 2 zibe yisikhombi­sa. Le moto iphuma nezinto eziningi njengama-fog lights eLED
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa