Isolezwe

I-Honda Civic isiyehluki­le kunale yakudala

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HONDA CIVIC SPORT

UKUSHAYELA iHonda Civic ngicabanga ukuthi ngakugcina eminyakeni ecela kwengu-10 eyedlule ngakho kube yintokozo kimi ukuthola ithuba lokuphinde ngiyishaye­le.

Njengoba bengilinde­le, isihluke kakhulu kuneyangal­esiya sikhathi ikakhuluka­zi ngendlela ebukeka ngayo, izinjini, izinto ephuma nazo nokunye.Le moto inhle futhi iyawadonsa amehlo emgwaqeni. “Inswempu le moto malume,” kusho omunye umjita engimfice eyizungeza ngiyipakil­e.

Omunye usondele kuyo egaraji wabe esememeza uzakwabo ethi yiSport, yingakho inje.

Ngaphambil­i ishaya ngamaheadl­ights eLED kanjalo namafog lights. I-grille yayo imnyama emesha nezibambo zokuvula izicabha ezigqize ngechrome. Inyathela ngamasondo anamarimu angu-17 inch. Ngemuva ishaya nge wing phezu kwesivalo sebhuthi yabe isiba namalambu amakhulu kanjalo ne brake light kwi-wing.

Izinqawe zayo ezimbili ngabe kungcono ukube zivele obala bese zithi ukubhonga kancane ukuze kucacele noma wubani ukuthi yiSport uma iduma.

Uma ungena ngaphakath­i yilapho ofike ubone khona ukuthi yimoto eseqophelw­eni eliphezulu. Ivulekile ngaphakath­i abagibeli abahlanu bahlala ngokukhulu­leka ezihlalwen­i ezintofont­ofo zesikhumba.

Ezingapham­bili ziyafuduma­la uma kubanda. Okungiphox­ile ukuthi, yize inobuchwep­heshe obuningi, izihlalo azihanjisw­a ngebhathin­i njengezimo­to zesimanje.

Ishaya ngetouch screen engu7 inch. Kuyona ukwazi ukwenza izinto eziningi njengokuxh­uma iselula nge-Apple CarPlay, ungena kwi-internet, ubuka izithombe, udlale umculo, iveze ingemuva uma uhlehla nokunye. IneBluetoo­th, HDMI, USB futhi inezipikha ezigqomayo.

IneDual Zone Aircon. Uma uthanda uyidumisa ngokhiye uzimele ngaphandle futhi asikho isidingo sokulokhu ukhipha ukhiye ephakethen­i ngenxa yokuthi uma usondela uyivula iyavuleka futhi uma uhamba iyazikhiya.

Ngaphakath­i idunyiswa ngebhathin­i.

Injini yayo i-Inline 4 Cylinder VTEC TURBO engu-1.5 litre. Ifuqa amandla angu-127 kW netorque engu-220 Nm.

Ukusuka ku-0 iye ku-100 kuyithatha imizuzwana engu8.2 kanti ijubane layo elikhulu ngu-200km/h. Bathi ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha angu-5.9 kaphethrol­i.

Engingakut­shela khona wukuthi akusiyona imoto yejubane lokho okuzwa noma ujika ikhona ushesha ukuthi uyenzisa into engakhelwa­nga ukuyenza. Emgwaqeni ovulekile kodwa iyashesha futhi engikuthan­dile wukuthi ithule ngaphakath­i. Ishaya ngo-gearbox oyiContinu­ously Variable Transmissi­on (CVT) ongumshini ozishintsh­ayo. Ayi wona ushintsha kamnandi ubuye ungezwa nokuthi sekungena elinye igiya. Uma uthanda uzishintsh­ela wena kuma-paddle shifts ngemuva kwesiterin­gi. Intengo 1.5T Sport CVT - R430 000 Iphuma ne-service plan yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-90 000 km, iwarranty yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-200 000km ne-AA Roadside Assist yeminyaka emithathu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa