Isolezwe

I-Polo yesizukulw­ane sesithupha

- INTATHELI YEZIZOMOTO

I-VOLKSWAGEN (VW) yethule Polo yesizukulw­ane sesithupha okuthiwa izotheleka kuleli ekuqaleni konyaka ozayo.

KwaVW bathi iPolo ingenye yezimoto zabo ezidayisa kahle emhlabeni jikelele njengoba zonke izinhlobo zayo sekudayisw­e ezingaphez­ulu kuka-16 million.

Bathi le Polo entsha isazoqhube­ka nempumelel­o yayo.

Ihluke kakhulu kunendala futhi isithe ukuba nkulu kancane lokhu okunikeza abagibeli nomshayeli isikhala esanele sokuhlala. Kuphinde kwakhula nebhuthi njengoba ukuvuleka kwayo kusuke ku-280 kwafika ku-351 litres.

Nobuchweph­eshe bayo bengeziwe kwafakwa nobebuthol­akala ezimotweni zakwabo iPolo nePassat.

Izophuma ngezinhlob­o ezahlukene okuyiTrend­line, Comfortlin­e, Highline, eyisipeshe­li iPolo Beats (enomsindo ongu-300 watt) nePolo GTI enamandla angu-147 kW.

ITrendline iphuma nezinto ezifana namaLED daytime running lights, speed limiter, neFront Assist eneCity Emergency Braking nePedestri­an Monitoring.

Enye yezinto ezitholaka­la kwiPolo entsha yi-adaptive cruise control (ACC) engasebenz­a ejubaneni elifinyele­la ku-210 km/h. Okunye yiBlind Spot Detection, semi-automated Park Assist, Keyless Access nokunye.

Bayigaxe ne-infotainme­nt system yesimanje ene-screen esiphakath­i kuka-6.5 kuya ku-8 inch. Ngaphandle ishaya ngemibala emisha ehlukene ka-14 nezinhlobo zamasondo angu-12 aphakathi kuka-14 kuya ku-18 inch.

E-Europe le moto kulindelek­e ukuthi yethulwe ngaphambi kokuphela konyaka. Izinjini kukhona ezikapheth­roli ezine nezikadizi­li ezimbili.

Inani leTrendlin­e eGermany liqala ku- 12,9751 okuyimali elinganise­lwa kuR214 219.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa