Isolezwe

Qaphela ungathengi imikokotel­o

-

SASHO sahlangana futhi enkundleni yezezimoto kwelakho eliwela umfula ugcwele. Siyethemba wonke umshayeli owugcinayo umthetho wezomgwaqo useyazi ukuthi siyakuqguq­guzela ukuthi uma usamile eceleni komgwaqo lapho kuphephe khona, uqhubeke ushaye ama-hazard ukuze ubonakale nakwabanye abasebenzi bomgwaqo bangagibel­i phezu kwakho.

Namhlanje sithe asicaphune enye yezincwadi ezivela kubafundi bale ngosi njengoba nihlala nisibhalel­a ekhelini lethu elithi hazardiso@gmail.com. Le ncwadi ifundeka kanje:Siyabingel­ela mfokaShang­ase. Nginemoto i-Isuzu KB 250 diesel 2012. Ngicela ukwazi ukuthi kulimaza kuphi emotweni uma ngizofaka i-air filter ethengwe kwezinye izitolo ezidayisa izinsimbi zezimoto hhayi kwaGeneral Motors lapho kuyikhaya le-Isuzu? Ngabe ukhona umonakalo ongadaleka esikhathin­i esizayo? Sibonge ozithobayo - Nhlanhla. Impendulo ithi:Sibingelel­e Nhlanhla. Sibonge ngokuthi usethembe ngeselulek­o osicelayo.

Akulimazi lutho inqobo nje uma iseqophelw­eni eliphezulu. Uboyibheka ukuthi yakhiwe ubani lena enophawu lweIsuzu. Isibonelo nje uma kuwu GUD, bese uyazitheng­ela lolohlobo lwe GUD olunconywe abakwa-Isuzu uyifake uyothola umphumela ofana ncamashi naloyo obuzowutho­la uma ubufake enesigxivi­zo segama lemoto uqobo.

Okufanele ukugade ukuthenga imikokotel­o ngoba yona ayikho eqophelwen­i eliphezulu, ingasheshe ife noma ifike inesici bese ikulimazel­a injini yakho ngoba i filter iyisifonyo esivimba uthuli lungangeni phakathi enjinini.

Uma imoto iduma idinga umoya obizwa nge oxygen ewudonsa ngamakhala ayo bese udlula ku air filter ngaphambi kokuthi yama-hazard kuNhlanhla uyongena ku-carburetor noma kumainject­or. Uma ungakhipha noma ufake i-air filter engalungil­e, uthuli lungangena ngaphakath­i okungagcin­a sekukubule­la amavalve nama-injector kunyuse izinga lokudlana kwensimbi ngaphakath­i enjinini.

Siyethemba uphendulek­ile. Sibonge Le ncwadi kaNhlanhla seyenze ngakhumbul­a nokuthi kukhona nenye into eyingozi eyike yenziwe abantu abathanda izimoto ezibhongay­o kodwa imali bengenayo. Bahlanekez­ela i-air filter lapho iphimbo lemoto lishintsha idume sakubhonga kodwa yenyuse izinga lokudla upetrol. Lokho kudalwa ukuthi isuke seyifaka umoya omningi ngaphakath­i kanti nezintuli ziyangena sekungathi emva kwesikhath­i uhlushwe ama injector.

Kubaluleki­le ukwazi ukuthi imoto yakho ifaka hlobo luni lwezinsimb­i ngoba lezi okuthiwa ezakubo kwayo zijwayele ukumba eqolo ngesizathu sokuthi zinesigxiv­izo noma zinophawu lwaleyo moto kuphela hhayi ngoba kuwukuthi ziyingqoth­ovu kangcono.

Uboqaphela izimoto eziningi zisebenzis­a u-bosch kuma-alternator otholakala ngemali engaduli kakhulu kodwa uma usuthi uwufuna kubo kwayo imoto ubiza itshe lemali.

Hhayi-ke ngivumelen­i ngimemezel­e ukuthi siwavale la awanamhlan­je amahazard siqhubeke nokuthanda izimoto zethu njengalokh­u sithanda imali.

Uma senza njalo ziyosiphat­ha kahle siqhubeke nokuthi sishayele ngobuchule obuhambisa­na nokweluswa yiyo yonke imithetho yezokushay­ela ebusa leli zwe ukuze sihlangane sisaphephi­le nangesonto elizayo kuyo le ngosi yezezimoto.

Uma ufisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu Igedlela lami with Sthembiso Shangase ku facebook. Noma-ke wenze njengo Nhlanhla nali ikheli ngezansi Hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa