Izingane zethu sezaphenduka imihlambi kazalusile
MHLELI: Lafa elihle kakhulu izingane sezaphenduka imidlwembe ngenxa yamalungelo. Ziyakhohlwa wukuthi amalungelo kawasho ukuthi mazingabi nenhlonipho, ziyakhohlwa wukuthi abazali bazo abazizondi kodwa basuke bezifaka endleleni uma beziqondisa ubugwegwe. Abazali abaningi banenkinga yokuthi uma befaka izingane endleleni kuthiwa bayazihlukumeza.
Bona laba bantu abakhala ngokuthi izingane ziyahlukunyezwa abaze bangazitshela ukuthi iyiphi indlela elungile yokuqondisa ubugwegwe engekona ukuhlukumeza. Izingane eziningi namhlanje MHLELI: Ngivumele ngibeke umbono wami kulolu hlobo lwabantu oluvese likuquvele ngisho uzama kanjani ukulukhulumisa kube nhlanga zimuka nomoya kodwa ube ungasazi isizathu.
Akuve kubuhlungu ukubingelela umuntu kanti unenkinga yakhe ethize noma unenkinga nawe ombingelelayo, bese evele eyathula. Ngakusasa uyaphinda uyambingelela kube yiso leso. Sekuyothi ngelinye ilanga nawe sewazicasukela, nguyena-ke manje osekubingelela ngoba esethanda kodwa akazange asho ukuthi zisebenzisa izidakamizwa ngoba sezaphenduka imihlambi kazalusile abazali bekhona. Abazali bakhule bazi ukuthi inkunzi isematholeni belindele ukudla izinyoni zabantwana babo kodwa namhlanje yizingane ezibheke ukondliwa abazali noma sezindala. Izingane eziningi ziphatha kabi abazali ngenxa yokuthi inhlonipho yomuntu omdala kazisenayo.
Uma kuthiwa umthente uhlaba usamile bekwaziwa ukuthi ingane ihlonipha noma yimuphi umuntu omdala, izingane zikhombisa inhlonipho zisezincane.
Izingane kuqala bezazi ukuthi umzali akazihlukumezi uma ezishaya kodwa ubezakha kwazise libunjwa liseva. Namhlanje izingane zethu zijaha izinto zabantu abadala ziyeke ukubeka imfundo phambili. Ziyakhohlwa wukuthi imfundo inesikhwele ayifuni ukuba uyishebe nezikamathandana nezidakamizwa. Abazali babhekene nenkinga yokuphatha izingane zezingane zabo ngenxa yabantu abakhohlisana bebancane bethi bayathandana bengazi lutho ngothando. Bathunyelwa ezikoleni ukuba bayofunda bahloniphe othisha kanti bona bayele ukuyokhohlisana ngothando abangazi lutho ngalo.