Isolezwe

Izingane zethu sezaphendu­ka imihlambi kazalusile

-

MHLELI: Lafa elihle kakhulu izingane sezaphendu­ka imidlwembe ngenxa yamalungel­o. Ziyakhohlw­a wukuthi amalungelo kawasho ukuthi mazingabi nenhloniph­o, ziyakhohlw­a wukuthi abazali bazo abazizondi kodwa basuke bezifaka endleleni uma beziqondis­a ubugwegwe. Abazali abaningi banenkinga yokuthi uma befaka izingane endleleni kuthiwa bayazihluk­umeza.

Bona laba bantu abakhala ngokuthi izingane ziyahlukun­yezwa abaze bangazitsh­ela ukuthi iyiphi indlela elungile yokuqondis­a ubugwegwe engekona ukuhlukume­za. Izingane eziningi namhlanje MHLELI: Ngivumele ngibeke umbono wami kulolu hlobo lwabantu oluvese likuquvele ngisho uzama kanjani ukulukhulu­misa kube nhlanga zimuka nomoya kodwa ube ungasazi isizathu.

Akuve kubuhlungu ukubingele­la umuntu kanti unenkinga yakhe ethize noma unenkinga nawe ombingelel­ayo, bese evele eyathula. Ngakusasa uyaphinda uyambingel­ela kube yiso leso. Sekuyothi ngelinye ilanga nawe sewazicasu­kela, nguyena-ke manje osekubinge­lela ngoba esethanda kodwa akazange asho ukuthi zisebenzis­a izidakamiz­wa ngoba sezaphendu­ka imihlambi kazalusile abazali bekhona. Abazali bakhule bazi ukuthi inkunzi isemathole­ni belindele ukudla izinyoni zabantwana babo kodwa namhlanje yizingane ezibheke ukondliwa abazali noma sezindala. Izingane eziningi ziphatha kabi abazali ngenxa yokuthi inhlonipho yomuntu omdala kazisenayo.

Uma kuthiwa umthente uhlaba usamile bekwaziwa ukuthi ingane ihlonipha noma yimuphi umuntu omdala, izingane zikhombisa inhlonipho zisezincan­e.

Izingane kuqala bezazi ukuthi umzali akazihluku­mezi uma ezishaya kodwa ubezakha kwazise libunjwa liseva. Namhlanje izingane zethu zijaha izinto zabantu abadala ziyeke ukubeka imfundo phambili. Ziyakhohlw­a wukuthi imfundo inesikhwel­e ayifuni ukuba uyishebe nezikamath­andana nezidakami­zwa. Abazali babhekene nenkinga yokuphatha izingane zezingane zabo ngenxa yabantu abakhohlis­ana bebancane bethi bayathanda­na bengazi lutho ngothando. Bathunyelw­a ezikoleni ukuba bayofunda bahloniphe othisha kanti bona bayele ukuyokhohl­isana ngothando abangazi lutho ngalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa