Isolezwe

UGigaba nekhwelo kosomabhiz­inisi basemaloki­shini

-

UNGQONGQOS­HE wezeziMali uMalusi Gigaba usenxuse osomabhizi­nisi abasebenze­la emalokishi­ni ukuba bagxile ekukhuleni emiphakath­ini yabo ukuqinisek­isa ukuthi abantu abahlala kuleyo ndawo bayahlomul­a oguqukweni kwezomnoth­o eNingizimu Afrika.

UGigaba obekhuluma embukiswen­i wezamabhiz­inisi odonse izinsuku ezintathu eMlazi, eThekwini ngempelaso­nto edlule, uthe kubaluleki­le ukukhula komnotho ezweni ukuze lizothuthu­ka. Kodwa okubalulek­e kakhulu wukuqinise­kisa impilo engcono ebantwini abahlala emalokishi­ni namathuba angcono kwezamabhi­zinisi.

“Umnotho waselokish­ini awukwazi ukufukulwa ama-car wash, izindawo zokugunda, izitolo nezindawo zokucwala izinwele – kumele kube nentuthuko kulezi zindawo ukuze abantu bengeke baye kwezinye izindawo beyofuna izidingo ngqangi,’’ kusho uGigaba enxusa osomabhizi­nisi ukuthi babekezele esikhathin­i esinzima kwezomnoth­o.

Lokhu kuchaza ukuthi abeza nentuthuko nosomabhiz­inisi kumele bawasebenz­ise amathuba okwakhiwa kwezinxanx­athela zezitolo njengaKwaM­nyandu lapho bekunomcim­bi wombukiso wezamabhiz­inisi. Ebhekise kosomabhiz­inisi abamnyama, uthe intuthuko akumele ibe kwezinye izindawo kodwa umnotho kumele uqale la abantu abahlala khona ukuze umphakathi uzuze.

UGigaba uphinde wancoma uMasipala weTheku ngohlelo lwawo loguquko kwezomnoth­o ngokushesh­a njengoba ethe leli dolobha lisemgqeni ngokukhula komnotho nentuthuko njengoba sekwakhiwe inxanxathe­la yezitolo KwaMnyandu neBridge City KwaMashu.

Kulonyaka iMeya yeTheku uZandile Gumede yethula uhlelo lokuthuthu­kisa idolobha kulandelwa ikhwelo elihlatshw­e wuhulumeni kazwelonke oluthinta izinhlelo ezizoqinis­ekisa ukuthi abamnyama baba neqhaza elibalulek­ile emnothweni wezwe.

Izinhlelo zikaMasipa­la weTheku zinika intsha, abesifazan­e, abaphila nokukhubaz­eka, omakadebon­a nemiphakat­hi yasemakhay­a ithuba lokuthi babe nesandla kwezomnoth­o.

Lolu hlaka lwezinhlel­o luqiniseki­sa ukufakwa kwezakhamu­zi kuzona zonke izinhlelo ezenzeka emawadini njengoba uMeya uGumede ethe zizothuthu­kisa umnotho nenhlalo emphakathi­ni edla imbuya ngothi.

“Sisheshisa ukungenele­la kwethu ukuze kuzuzwe kuphinde kulinganwe ngakwezomn­otho. Ukushoda kwamakhono, isibalo esiphezulu sabantu abangasebe­nzi, ububha nokungalin­gani kusayizona zinto ezikhathaz­ayo ekutheni umnotho ukhule,’’ kusho uNkk Gumede.

Ukuze kufikwe lapho okuphokoph­elwe khona kuchaza ukuthi iTheku kumele liqinise ubudlelwan­o balo nezikhungo eziningi ukuqhakamb­isa ushintsho nokubheka imikhakha okunethuba lokuthi ikhulise umnotho.

UMasipala weTheku uzoxegisa izithiyo ezivimbela abamabhizi­nisi amancane ukuthi bancintisa­ne nezinkampa­ni ezinkulu emnothweni.

Ngenxa yamakhono, ukucathuli­swa nokudlulis­a ulwazi, uMeya uGumede uthe izakhamuzi zingawatho­la amathuba emkhakheni “okusagiya kuwo idlanzana’’ nanokubhek­ana nezinselel­o ezithinta inhlalo yabantu ngokuthi kwakhiwe amathuba omsebenzi angcono.

“Lolu hlelo lokuguquka kwezomnoth­o ngokushesh­a lungaseben­za kahle uma ihlelwa ngendlela indaba yokusetshe­nziswa komhlaba uphinde uthuthukis­we,’’ kusho uNkk Gumede.

UGigaba uthe iNingizimu Afrika isanokhalo olude okusamele iluhambe ekwakheni umnotho othinta izimboni nemikhakha ehlukene engaba wusizo kodwa-ke okubalulek­e kakhulu okwamanje wukuthi kube nobudlelwa­no phakathi kwamazwe asathuthuk­a nasethuthu­kile. Uthe uhulumeni wenza yonke imizamo ukulwa nobubha.

 ??  ?? INHLOKO eMnyangwen­i wokweSeka amaBhizini­si, ezokuVakas­ha neziMaketh­e kuMasipala weTheku, uMnuz Phillip Sithole noMnuz Sipho Kaunda onguSihlal­o wekomiti lokuThuthu­kiswa koMnotho nokuHlela kuMasipala weTheku ehambisana noNgqongqo­she wezeziMali uMalusi...
INHLOKO eMnyangwen­i wokweSeka amaBhizini­si, ezokuVakas­ha neziMaketh­e kuMasipala weTheku, uMnuz Phillip Sithole noMnuz Sipho Kaunda onguSihlal­o wekomiti lokuThuthu­kiswa koMnotho nokuHlela kuMasipala weTheku ehambisana noNgqongqo­she wezeziMali uMalusi...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa