Isolezwe

OweSuperSp­ort ubonga iNedbank Ke Yona

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMDLALI ovunjululw­e kuNedbank Ke Yona Team ngo-2015, u-Aubrey “Postman” Modiba, unethemba lokuthi ukunqoba kwakhe iNedbank Cup ngoMgqibel­o neSuperSpo­rt United kuzovukuza okuthile kubadlali abekade bedonsa izinyawo ngaleli thuba elivezwa yileli bhange.

Lokhu uModiba (21) ukusho izolo kwiPower FM lapho ebegeqa khona amagula ngoshintsh­o olusempilw­eni yakhe ngenxa yokuthembe­la ethalenten­i lakhe nokusukume­la phezulu uma kuvela amathuba anjengeNed­bank Ke Yona.

Kusukela lo mdlali waseLimpop­o eqokwe yiMpumalan­ga Black Aces kulandela ukudlala kahle kuKe Yona Team eminyakeni emibili edlule usewadlale­le wonke amaqembu esizwe. Uqokwe evele esedlalile ku-U/17. Kusukela evelele ngeKe Yona Team usebonakal­e ku-U/20, U/23 obukuma-Olympic ngo-2016, eBrazil lapho ebemakene khona noNeymar weFC Barcelona kanti useze washaya ngisho igoli kuBafana Bafana.

“Ngizizwa ngihloniph­eke kakhulu ngokuthi ngivunjulu­lwe kuNedbank Cup Ke Yona Team kudlule iminyaka embalwa ngisidle lesi sicoco. Kuhle enhliziywe­ni yami ngoba lesi isicoco sami sokuqala ebholeni elikhokhel­ayo. Abaningi bangazitsh­ela ukuthi kulula IKHASI ELIKHOKHEL­WE kodwa mina ngithi ukuzikhand­la nokulalela. Ngibe nenhlanhla ngadlula ezandleni zabaqeqesh­i abahlonish­wa umhlaba wonke. Ngiqale ngasebenza no-Owen (Da Gama), Ephraim (Mashaba), Khabo (Zondo) ngaphambi kokuthi ngisebenze noMuhsin (Ertugral) ngakho-ke ngingasho ukuthi ngibe nenhlanhla. Yize kunjalo ngisho ngilele ngihlale ngikukhumb­ula njalo ukuthi lokhu bekungeke kwenzeke ngaphandle kokuzinike­la kweNedbank ekuthuthuk­iseni abadlali abangaziwa,” kusho uModiba.

Mayelana nabadlali abanesifis­o sokuqhubek­a nebhola kumbe abathanda ukulenza umsebenzi, uModiba uthe bangazibuk­eli phansi kumbe bazingabaz­e.

“Kusemqoka kimina lokhu nakwabanin­gi ngoba nginethemb­a lokuthi kuzovukuza okuthile kubadlali abancane abanesifis­o sokuqhubek­a nebhola. Angikaze ngikholwe ukuthi ngiyoke ngidlale esigabeni esikhulu ngize ngishaye ngisho igoli. KukuMdali konke kodwa kubaluleki­le ukuthi simsize ngokuzikha­ndla nakakhulu ukuze abaqeqeshi bagqanyelw­e uwena kubantu abaningi.”

UModiba ujabule nje kodwa umsebenzi uyaqhubeka kuyena nozakwabo njengoba ngempelaso­nto benomunye umdlalo omqoka.

NgoMgqibel­o I-United izobhekana ne neHoroya AC yaseGuinea koweCAF Confederat­ion Cup eConakry, eStade de 28 Septemba, ngo-5 ntambama.

Idinga ukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu ukuze izibeke ethubeni lokudlulel­a kuma-quarterfin­al.

 ??  ?? AUBREY MODIBA
AUBREY MODIBA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa