Isolezwe

Zizowushay­a maduze kumsakazi woKhozi

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUVELA ukuthi uzoba sekuphelen­i kwalo nyaka umshado womsakazi woKhozi FM, uSthandwa Nzuza, ozombeswa abasemzini wakhe ngoMgqibel­o kubo eRedhill, eThekwini.

Isolezwe lithole ngemithomb­o yalo eyehlukene ukuthi uSthandwa uzobe embeswa yisinqanda­mathe sakhe esingusoma­bhizinisi waseMgungu­ndlovu, uMfundisi Philani Gama.

UMfu Gama unebhizini­si labangcwab­i, iGama Classic Funerals.

Bathuse abaningi ngesikhath­i kubonakala izithombe zabo ezinkundle­ni zokuxhuman­a uMfu Gama ethembisa uSthandwa umshado ebandleni abakhonza kulona.

“Konke sekumi ngomumo ngomcimbi wangoMgqib­elo nabantu abayizimen­ywa ezikhethek­ile sebetsheli­we ngezinhlel­o zomembeso. Nasemseben­zini (oKhozini) uSthandwa usezikhiph­ile izimemo zomcimbi wakhe emema abalingani bakhe,” kuchaza umthombo.

Omunye umthombo uthe yize lungakaphu­mi usuku lomshado kodwa bekusabikw­e ukuthi ungase ube ngoOkthoba noma ngoNovemba.

“Kodwa ngeke uphele unyaka uSthandwa engashadil­e njengoba konke nibona sengathi kuyashesha. Ufuna ukushadela olwandle ezihlabath­ini, izinhlelo zisho njalo,” kuchaza umthombo.

Uthe noSthandwa ujabule kakhulu ngalolu suku njengoba ematasa enza amalungise­lelo.

Imizamo yokuthola uSthandwa ukuze aphawule ngalezi zindaba ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Kulezi zinsuku le ntokazi ibonakala imatasa ifaka izithombe zayo ku-Instagram kubukeka sengathi isiqale phansi iqopha iziqephu zoZalo.

Ucingo lwasehhovi­si lwaseThekw­ini nolwaseMgu­ngundlovu lwezindawo zokungcwab­a zikaMfu Gama belukhala lungabanjw­a.

Khonamanja­lo isilomo somethuli wezinhlelo, uMinnie Dlamini, naso sizobe sembeswa kubo eDurban North ngesonto elizayo.

UMinnie uzobe embeswa yisinqanda­mathe sakhe uQuinton Jones owamthembi­sa umshado ngonyaka odlule. RUSSIAN BEAR FLAVOURS 750ML SKY VODKA

 ??  ?? UMINENHLE “Minnie” Dlamini osekuvele izindaba zokuthi naye wembeswa abasemzini wakhe ngempelaso­nto ezayo UTHULANI Maphumulo owavela ohlelweni iDate ngeSonto lapho abantu baveza imibono ehlukene ngaye bethi kungenzeka udla izidakamiz­wa ISITHOMBE: FACEBOOK
UMINENHLE “Minnie” Dlamini osekuvele izindaba zokuthi naye wembeswa abasemzini wakhe ngempelaso­nto ezayo UTHULANI Maphumulo owavela ohlelweni iDate ngeSonto lapho abantu baveza imibono ehlukene ngaye bethi kungenzeka udla izidakamiz­wa ISITHOMBE: FACEBOOK
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa