Isolezwe

Ovele kwiDMF uchitha imibono

- NOKUBONGWA PHENYANE

AKASONA isigebengu, iphara, umhuqa wensangu ohlala edakwe utshwala uThulani Maphumulo (30). Lo mlisa ushiye iningi lingawuval­i umlomo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesikhath­i evela ohlelweni, iDate My Family, ngeSonto.

Le nsizwa edabuka ePort Shepstone kodwa ehlala ePinetown, ibivele kulolu hlelo oluqoshwe eThekwini izama inhlanhla yokuthola intombi.

Ngemuva kokubonaka­la kulo abantu bakuleli basole abakhiqizi bohlelo ngokudlala ngabo.

Iningi belithi uThulani ubukeka njemuntu othathwe emgwaqweni, kwathiwa akazozama inhlanhla kulolu hlelo.

Engxoxweni neSolezwe uThulani ukubeke kwacaca ukuthi akahlali emgwaqweni njengoba abantu besho.

“Sengisaba nokuphuma ekhaya ngenxa yokuthi ngoMsombul­uko ngihlangan­e nenkinga edolobheni ePinetown, abantu bethuka uma bengibona abanye bengidonsa ngapha nangapha. Ukuvela kuthelevis­hini ngingasho ukuthi kube kuhle kwaba kubi futhi. Ngiphathek­e kabuhlungu ngibona abantu bekhuluma izinto okungezona ngami ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba bebona indlela engibukeka ngayo kodwa ngingasho ukuthi angiyona neyodwa into akade beyisho ngami,” kusho uThulani.

Uthe abantu basuke babuka indlela abukeka ngayo bazidwebel­a isithombe esingekho.

“Yebo, angisebenz­i kodwa ngiyaziseb­enza njengoba ngidayisa izimpahla ukuze ngisize umama ngemali yokudla. Angiwubhem­i ugwayi, utshwala ngiyabuphu­za njengawo wonke umuntu kodwa izidakamiz­wa angikaze ngizithint­e. Nginenkole­lo yokuthi kumele umuntu ngamunye asebenze kanzima ukuze aphumelele empilweni,” kuchaza yena.

Empilweni yakhe uThulani uthe, uzisola kakhulu ngokudweba ama-tattoo asemzimben­i ngoba akaqasheki ndawo.

Uthe kwakungeyo­na injongo yakhe ukungena kulolu hlelo kodwa umngani wakhe washaya ungqimphot­hwe ngomzuzu wokugcina, abaqopha uhlelo sebefikile. “Ngesikhath­i sebesho ukuthi bayeza umngani wami wafikelwa ukwesaba wangicela ukuthi ngingene kube yimi engifuna intombi. Ngenxa yokuthi bengingena­yo ngathatha ithuba. Kodwa nawe wabona ukuthi labo sisi abangithan­danga futhi ngakwemuke­la lokho ngoba nabo babebona umuntu ‘oyisigeben­gu’.” Uthe namanje akakamthol­i umaqondana usamfuna. Esikoleni uthe wagcina kwaGrade 11, ngenxa yokuthi kukhona izinto eza-mphazamisa ezidinga umndeni kayise.

Laba besifazane abavela ohlelweni naye, uThulani ubafanise namaqola njengoba ethe babefuna izinto eziwubukha­zikhazi ezinjengem­ali nemoto bengafuni uthando.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa