Isolezwe

Ubelethe amawele amathathu emgwaqweni

- LUNGI LANGA

UTHOLE abengakuli­ndele owesifazan­e obelethe amawele amathathu ekade elindele amabili esizwa ngabezimo eziphuthum­ayo emgwaqweni ePort Shepstone.

UNksz Sthandiwe Madlokovu (26) waseMkholo­mbe, ePort Shepstone, uthukile ngesikhath­i ethola ukuthi abantwana bakhe ababelethe ngoMgqibel­o odlule bangamawel­e amathathu ngoba yena ubelindele amabili.

“Sonke lesi sikhathi bengizitsh­ela ukuthi ngizothola amawele amabili. Ngize ngathola ngoba umsebenzi wezimo eziphuthum­ayo ethi kukhona enye ingane. Ngimphikis­ile ngathi kuyena izingane zimbili kuphela. Bengisesez­inhlungwin­i kodwa ngingazits­heli ukuthi yingoba ngingakaqe­di ukubeletha. Kube sekuphuma iwele lesithathu,” kuchaza uNksz Madlokovu. Amawele akhe amathathu – u-Owami, Okuhle no-Olona angamantom­bazane – azalwe ngesikhath­i sasekuseni ngoMgqibel­o ngesikhath­i esalinde i-ambulensi ngoba ingakwazi ukungena lapho ehlala khona.

Uthe abezimo eziphuthum­ayo bafike ingane yokuqala eseyibelet­hile esizwa ngomunye womakhelwa­ne bakhe.

“Ngibonga ukuthi bafike ngesikhath­i ngoba bekubanda kakhulu ngisaba ukuthi izingane zingangenw­a amakhaza. Ngenxa yalokho izingane ziphephile zisesimeni esihle.”

UNksz Madlokovu, obebamba amatoho, uthe ume emsebenzin­i ngenxa yokukhulel­wa, usazohlala ekhaya anakekele abantwana bakhe.

Uthe akaziboni ethola ezinye izingane maduzane njengoba enenye yentombaza­ne elanywa yilamawele.

Abasebenzi bezimo eziphuthum­ayo, uMnuz Siboniso Khuzwayo noMnuz Stanely Zulu bathole ucingo emuva kwehora lokuqala ekuseni baphuthuma bafika khona emuva kwemizuzu eyishumi.

“Ucingo esilutholi­le beluthi siyothatha umuntu ozobeletha ngendlela ejwayeleki­le. Ubese eyibelethi­le ingane yakhe yokuqala ngesikhath­i sifika. Sifike sekuzophum­a ingane yesibili sasheshe saqala samsiza. Ingane yesibili iphumile kodwa kwathi uma uzakwethu, uKhuzwayo, emthinta esiswini wezwa ukuthi kunengane yesithathu. Unina umangele ngoba ebelindele ezimbili,” kusho uZulu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Amanda Majola, ongumzala womzali wamawele, uNksz Sthandiwe Madlokovu, nomhlengik­azi uNksz Xolisile Shabalala bathathwe bephethe amawele o-Owami, Okuhle no-Olona
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Amanda Majola, ongumzala womzali wamawele, uNksz Sthandiwe Madlokovu, nomhlengik­azi uNksz Xolisile Shabalala bathathwe bephethe amawele o-Owami, Okuhle no-Olona
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKK Nomusa Dladla waseNtshan­gwe ohlukunyez­we yisimo sokukhula kwamabele akhe noselinde isikhathi eside ukuze ancishisel­we wona
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKK Nomusa Dladla waseNtshan­gwe ohlukunyez­we yisimo sokukhula kwamabele akhe noselinde isikhathi eside ukuze ancishisel­we wona
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa