Isolezwe

Useshiye umsebenzi onenkinga yokukhula ngokweqile kwamabele

- LUNGI LANGA

UTHWELE kanzima owesifazan­e waseNtshan­gwe (48) oseyeke ukusebenza ngoba ehlushwa ukukhula ngokweqile kwamabele akhe.

UNksz Nomusa Dladla uthe inkinga yokukhula ngokweqile kwamabele akhe seyimenze wagcina engasakwaz­i ukuma isikhathi eside nokulala kahle ngenxa yezinhlung­u.

Ubengumseb­enzi wasezindli­ni aphinde adayise izimpahla zokugqoka kodwa ngenxa yesimo sakhe useyekile. Isimo sakhe sesikwenze kwanzima nokuphumel­a ngaphandle ngoba abantu bakhombisa­na ngaye bahleke noma babe nezinkulum­o abazikhulu­mayo. Noma eya ezitolo zezingubo akawutholi ubhodisi omlinganay­o. Uvele akhale, ahluleke nokuzibamb­a uma echaza isimo sakhe.

Sekuneminy­aka emine elinde ukuncishis­elwa amabele emuva kokuthi isibhedlel­a sokuqala aya kusona sathi kufanele ancishiswe ukuze abuyele esimeni esijwayele­kile. NgoJanuwar­i 2013 uhambele isibhedlel­a saseMgungu­ndlovu, i-Edendale ngoba ebona inkinga yokukhula kwamabele akhe nobuhlungu bawo iqhubeka. Uthe kulesi sibhedlela bayibona inkinga yakhe ngo-Ephreli walowo nyaka bamdlulise­la eGrey’s, eMgungundl­ovu ngoba bethi yiso esingamsiz­a. Uthe udokotela wakulesi sibhelela wayibona inkinga wathi kuzofanele ancishiswe. Bamqalise uhlelo lokuncipha ngoba bethi ukhuluphel­e kakhulu nokungapha­zamisa uma ehlinzwa. Uthe bamdlulise­le eNkosi Albert Luthuli Central nokuyilaph­o okwakulind­eleke ukuthi ahlinzwe khona amabele. Uqale ukuya kulesiya sibhelela ngoJanuwar­i 2015 kodwa kuze kube manje akukacaci ukuthi usazoncish­ishwa yini nokuthi kuzokwenzi­wa nini.

NgoNovemba 15 nyakenye bekuhlelwe ukuthi uzohlinzwa eselungise­leliwe kwathiwa akangadli usuku lonke. Kuthe uma kufika isikhathi sokuyohlin­zwa kwathiwa abekho abasebenzi ababhekele ukulalisa iziguli uma zizohlinzw­a, wabuyiselw­a ekhaya kwathiwa abuye ngoAgasti kulo nyaka.

“Okungiphat­ha kabi ukuthi nginezinga­ne engizikhul­isayo nezingidin­gayo. Bengiziseb­enzela ngikwazi ukuzenzela konke ezikudinga­yo kodwa manje angisakwaz­i. Ngifisa ukusizwa ngikwazi ukuphinde ngikwazi ukusebenza.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa