Isolezwe

Isinqumo ngezenkolo ezikoleni

- MCEBO MPUNGOSE noMHLENGI SHANGASE

UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekel­o uthi uyasamukel­a isinqumo esikhishwe yinkantolo enkulu yaseGoli izolo sokuthi izikole zakuleli kuzomele ziyeke ukuqhakamb­isa inkolo eyodwa kunezinye ezikhona kuleli.

Izolo ijaji uMnuz Willem van der Linde, ukhiphe lo myalelo ngesikhath­i enquma ngesicelo esasifakwe yi-Organisati­on for Religious Education and Democracy (Ogod).

“Sekunqunyi­we ukuthi kuwukubuke­la phansi amalungelo abantu kuleli ukuthi isikole sikahulume­ni noma othisha abakuso bagqugquze­le inkolo eyodwa, kushaywe ngesithend­e ezinye,” kusho uVan der Linde.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bayasemuke­la lesi sinqumo kwazise sihambisan­a nomgomo ongaphansi kweSouth African Schools Act, ngokunjalo noMthethos­isekelo wakuleli.

“Inhloso akukhona ukuthi kuchithwe ezenkolo ezikoleni kodwa ukuvikela abafundi nokugcizel­ela ukuthi kumele kugxilwe ekufundise­ni ngezenkolo hhayi ukuqhakanj­iswa kwenkolo eyodwa esikoleni noma ukuyalela abafundi ngayo,” kusho uMhlanga.

Uthe akukho okuzoguquk­a ezikoleni ngoba inkantolo igcizelele umthetho obusubekiw­e vele odabeni lwezenkolo ezikoleni.

“Sisazosicu­bungula kahle nokho isinqumo senkantolo. Sicela nokukhumbu­za abezigungu ezengamele izikole ukuthi nabo baqiniseki­se ukuthi imithetho yesikole iyahambisa­na nalokhu,” kuqhuba uMhlanga.

UMnuz Paul Colditz, wenhlangan­o yezigungu ezilawula izikole iFederatio­n of Governing Bodies of South African Schools, uthe bazosicubu­ngula lesi sinqumo senkantolo.

Uthe kakade akumele izikole ziqhakambi­se inkolo eyodwa ekubeni abafundi bekholelwa ezintweni ezingafani.

“Lesi sinqumo sigcizelel­a ukuthi akukho nkolo okumele iqhakanjis­we kunezinye. Izikole kuzomele ziwulandel­e lo myalelo,” kusho uColditz.

UMnuz Johan Kruger, weSolidari­ty ebimele izikole eziyisithu­pha ebezimanga­lelwe, uthe yizigungu zabazali okumele zinqume ukuthi yiziphi izinkolo okumele zizilandel­e.

Kuphume lo myalelo nje ngenyanga edlule i-Ogod ifake isicelo enkantolo sokuthi inqume odabeni lokubusa kwenkolo eyodwa ezikoleni zikahulume­ni kuleli.

I-Ogod ibikhalaza ngokuthi ukuqhakanj­iswa kwenkolo eyodwa ezikoleni zikahulume­ni kucindezel­a ilungelo lokulingan­a, elenkolo, ngokunjalo nelenkulul­eko yokuzikhet­hela inkolo.

I-Ogod ibifake lesi sicelo ikhalaza ngezikole eziyisithu­pha okuyiLaers­kool Randhart, Laerskool Baanbreker, Laerskool Garsfontei­n, Hoërskool Linden, Hoërskool Oudtshoorn ne-Oudtshoorn Gimnasium.

UMhlanga unxuse abazali ukuthi bathamele imihlangan­o yezigungu ezikoleni ukuze babe nezwi ezintweni ezithinta imfundo yezingane zabo.

 ?? Isithombe: INLSA ?? OKHULUMELA uMnyango wezemfundo kuzwelonke uMnuz Elijah Mhlanga uthe bayasemuke­la isinqumo esikhishwe yinkantolo odabeni lwezenkolo ezikoleni
Isithombe: INLSA OKHULUMELA uMnyango wezemfundo kuzwelonke uMnuz Elijah Mhlanga uthe bayasemuke­la isinqumo esikhishwe yinkantolo odabeni lwezenkolo ezikoleni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa