Isolezwe

Usola isikole ngokhiyelw­e

- KHULEKANI MASEKO

UYAVEVA umzali womfundi oneminyaka emihlanu ofunda esikoleni samabanga aphansi KwaNyuswa, okuthiwa ngoMsombul­uko ukhiyelwe ngephutha wobhekelel­e ukuphepha kwesikole endlini encane waze watholakal­a ngakusasa.

Umfundi esiligodli­le igama lakhe owenza uGrade R eNkazimulo Primary uhlale ingxenye yosuku nobusuku bonke endlini encane ngemuva kokuvalelw­a ngephutha obhekele ukuphepha kwesikole. Uvalelwe kusuka ngo-12 emini watholwa ngakusasa ngo-6 ekuseni.

Unina womfundi, obebhodla umlilo ngalesi senzo, uthe uzamile ukukhuluma nothishanh­loko wesikole, kodwa wavele wathi akusilona iphutha lesikole.

“Ngikhuluma nawe nje ngikwadoko­tela. Izolo (ngoLwesibi­li) bengimhamb­ise emtholampi­lo, ngoba uma edla uyabuyisa, kuthiwa ungenwe isifo samakhaza,” kusho unina.

Uthe ngesikhath­i bebona kubuya izingane lo mfundi engabuyi, bathinte amaphoyisa esiteshini saseNtshan­gwe, kwaphunywa umkhankaso efunwa kodwa bangamthol­a. Kuthiwa uze watholwa nguyise ngehora lesithupha elele endlini encane, engenwe ngamakhaza engakwazi ngisho ukuma.

Uyise ukhale ngothishan­hloko athe ukhombise ukungabi nabo ubuntu ngesikhath­i ebikelwa ngalolu daba.

“Sizame ukuvula icala esiteshini samaphoyis­a eNtshangwe, ngoba sicikwa izimpendul­o zikathisho­mkhulu. Icala alivulwang­a ngoba amaphoyisa ebedidekil­e ukuthi lingena ngaphansi kwamaphi amacala. Sibonga ukuthi ingane yami ngiyithole iphila. Ngiyithole ilele phansi kusimende ingambethe. Ingihlukum­eze kakhulu emoyeni le nto,” kusho uyise.

Kuthiwa amalungu omphakathi avuke umbhejazan­e abhikisha ngaphandle kwesikole izolo, ezwakalisa ukunganeli­seki ngokukhiye­lwa kwengane.

UNksz Nokuthula Shangase oyilungu lesigungu esingamele isikole uthe kuvunyelwa­ne ngokuthi isikole sithwale izindleko zokwelapha umfundi ngoba kukholakal­a ukuthi kube nobudedeng­u ngasohlang­othini lwesikole.

“Sikhulumil­e nothishomk­hulu wazehlisa ngakho yonke imali esetshenzi­swe abazali balo mfundi bemelapha, izobuyiswa,” kusho uNksz Shangase.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mthethwa unxuse ukuthi othisha bazehlise uma bekhuluma nabazali.

“Egameni lomnyango, sifisa ukuxolisa kakhulu emndenini. Okwenzekil­e kubeke impilo yengane engcupheni ngoba bekungenze­ka noma yini. Siyakholwa wukuthi lokhu kube yiphutha kodwa kubaluleki­le ukuthi abasebenzi bomnyango batshengis­e inhlonipho uma bekhuluma nabazali,” kusho uMthethwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe: “Bekumele abazali bayobika ngokulahle­ka kwengane ukuze bekuzoba nokulandel­eka kwalolu daba. Sinxusa umphakathi ukuthi ubike emaphoyise­ni ngokushesh­a uma kunomuntu olahlekile.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa