Isolezwe

Kubulawe owezimo eziphuthum­ayo

- LUNGI LANGA

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo usezwakali­se ukushaqeka ngokubulaw­a komsebenzi wezimo eziphuthum­ayo odutshulwe washona ngaphandle kwesibhedl­ela i-Edendale eMgungundl­ovu.

UMnuz Sibusiso Mthethwa (36) obesebenze­la esikhumulw­eni sama-ambulensi eMbali kuthiwa udutshulwe washona ngoLwesihl­anu ebusuku ephuma emsebenzin­i.

Ngokwesita­timende esikhishwe ngumnyango, umufi udutshulwe ngabantu abangaziwa eduze kwesango lesibhedle­la i-Edendale.

UDhlomo uthe bashaqekil­e ngokubulaw­a kukaMtheth­wa ngalolu hlobo.

“Kuyakhatha­za ukuthi impilo yomuntu isishibhe ngale ndlela yokuthi izigebengu sezibonaka­la sengathi azicabangi­sisi kaningi ngaphambi kokuqeda ngempilo yomuntu,” kusho uDhlomo.

Uthe balahlekel­we ngokufa kukaMtheth­wa ngoba ubeyisosha ebelizinik­ele ekusindise­ni impilo yabantu.

UDhlomo uthe ngenxa yokungabi nanhliziyo kwezigilam­khuba umndeni wakhe usulahleke­lwe yindodana, wubaba nomyeni.

Uthe banethemba lokuthi abomthetho bazoqinise­kisa ukuthi bayatholak­ala abenzi bobubi bagwetshwe.

Kuthiwa uMthethwa udutshulwe ngabalisa abebemlale­le unyendle ngaphandle kwesibhedl­ela. Endaweni yesigameko kutholakal­e amagobolon­do ezinhlamvu ayisikhomb­isa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa ayaphenya wathi akukaboshw­a muntu ngalesi sehlakalo.

UMthethwa kulindelek­e ukuthi afihlwe eNquthu ngeSonto kanti imizamo yokuthola umndeni wakhe ayiphumele­langa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa