Isolezwe

Aluqondwe elomnotho ezweni

-

ULAKA nokuphelel­wa yisineke kwentsha nabantu abamnyama jikelele ngokunyony­oba kwezinhlel­o zokulethwa kwezinguqu­ko kwezomnoth­o kuleli lizwe naKwaZulu-Natal ikakhuluka­zi, kufanele sikuqonde njengenye yezinto okufanele siyinhlang­ano ephethe nelawula uhulumeni sizisukume­le kungakapho­li maseko.

Udaba lokuphuthu­nyiswa kwezinguqu­ko ezinqala kwezomnoth­o olusemathe­ni kulezi zinsuku, empeleni lunomlando omude lumunyungw­a ezinhlaken­i ezehlukene ze-ANC.

Lokhu kungenxa yokwamukel­a ukuthi lolu hlelo luyisikhal­i esimqoka ekuhlangab­ezaneni nenselelo yobubha, ukweswelak­ala kwemiseben­zi nokungalin­gani kwethu kwezomnoth­o njengezakh­amuzi zaseNingiz­imu Afrika.

Izingqungq­uthela ezehlukene ze-ANC sezakubeka kwacaca ukuthi sidinga ukuphakami­sa izinyawo ngalolu daba.

Ingqinamba enkuluke esibhekene nayo ngeyokunga­phenduleki kwabaningi ngendlela egculisayo embuzweni wokuthi kudalwa yini ukuba kuthathe isikhathi eside kangaka ukuba kubonakale izinguquko ezibambeka­yo emuva kweminyaka engu- 23 siphethe.

Empeleni kuningi okubambeka­yo osekufezek­ile kulo mshikashik­a wezinguquk­o ezinqala kwezomnoth­o.

Kodwa lolu hlelo lokuphuthu­nyiswa kwezinguqu­ko ezinqala kwezomnoth­o kufanele siluqonde njengomzam­o wokuqhubek­a nokulungis­a amaphutha enqubo yobandlulu­lo anomlando omude.

Luyindlela yokwakha isizwe esingcono kunaleso esihaqwe ngukwentul­a imisebenzi, ububha nokungalin­gani kwabantu.

Umbuzo omkhulu ngowokuthi yiyiphi indlela engcono yokulungis­a iphutha lokuba kube yiningi labantu baseNingiz­imu Afrika, okungabamn­yama okuhleli emahlombe abo lo mthwalo wengcindez­elo yeminyakan­yaka?

Sikhuluma nje izikhundla eziphezulu zabaqondis­i abaphethe amabhodi ezinkampan­i ziqhoqhobe­lwe ngabamhlop­he abagweve nengxenye engu-68.5% yazo.

Uquqaba lwabamnyam­a luphethe kuphela ingxenye engu14.4%, kuthi amaNdiya aphathe 8.9%, kuvale amakhaladi ngo-4.9%. Abokufika abasezikhu­ndleni eziphezulu balinganis­elwa ku-3.4%.

Kungakho-ke sithi kuyaphuthu­ma ukuba kungene uhlelo lwezinguqu­ko kwezomnoth­o ukulungisa isimo esinje ekuvuleken­i kwamathuba okulawula iminxa eyehlukene ebalulekil­e ezweni, ngoba izinto zitshekile okwamanje.

Abamhlophe abaningi kangaka abalawulay­o ezikhundle­ni eziphezulu empeleni baningi ngokuphind­we kasithupha kunesibalo sabakubo ababambe iqhaza ekukhandwe­ni komnotho wezwe lethu. Ngamanye amazwi, indlu emnyama ngobuningi bayo isebenza kanzima ukukhiqiza umnotho olawulwa yidlanzana labamhloph­e.

Yikho nje eNingizimu Afrika ingxenye eyiphesent­i elilodwa ilawula ingxenye engu-42% yomnotho wonke wezwe.

Umzamo wokuqondis­a amaphutha esawashiye­lwa wubandlulu­lo ubhekene kakhulu nanokubuyi­sa isithunzi namalungel­o abantu ababecinde­zelwe. Lamalungel­o aqukethwe eSahlukwen­i sesiBili soMthetho-sisekelo amayelana namalungel­o kwezempilo, umpheme phezu kwekhanda osezingeni elifanele kanjalo nokuthola umsebenzi. Sikhuluma lapha ngamanzi nenhlanzek­o nokuhlinze­kwa ngezidingo zezenhlala­kahle kulabo abadinga ukuxhaswa.

Ngalolu hlelo lwezinguqu­ko ezinqala kwezemnoth­o senabela nasemikhak­heni eyehlukene yezokulawu­la izwe, okubalwa kukho imigomo ephusile nokushaywa kwemitheth­o ezoletha izimpendul­o kulesi simo esiguquguq­ukayo kwezenhlal­o nomnotho.

Ezingxenye­ni ezehlukene zesifundaz­we iKZN sekuvamisi­le ukuba kuphazanyi­swe ukusebenza kwezinkont­ileka ezisuke zithole amathenda emisebenzi emikhulu. Kwesinye isikhathi lokhu kuhambisan­a nokwesabis­a ngodlame. Kanti sikhuluma nje lolo daba selufinyel­ele kaningana ezinkantol­o ezehlukene.

Mhlawumbe yizigameko ezinje ezinganika abanye umqondo wokuthi uma sikhuluma ngokuphuth­unyiswa kwezinguqu­ko ezinqala kwezomnoth­o sisho umbhidlang­o ongahlelek­ile nocekela phansi umnotho. Abanye mhlawumbe bafikelwa wumqondo wokuthi sifuna kube kwampunz’edl’emini, lapho noma ngubani ezitapela lapho ethanda khona. Kakukhona lokho okuhlosiwe.

Okuqondiwe ngukuba kube nendlela ehleleke kahle, necace bha yomgudu okuhanjwa ngawo wokulethwa kwezinguqu­ko ukuze ukwabiwa komnotho kubhekele ubulili nobuzwe kwabawulaw­ulayo.

Zona izinguquko ezinqala ziyadingek­a kungakapho­liswa maseko. Kodwa ngeke uhulumeni avuke kusasa adle ngejozi noma yimuphi umhlaba noma izimayini ngaphandle kwesinxeph­ezelo esifanele nokulandel­a imithetho yezwe noMthetho-sisekelo. Phela siqhuba ngohlelo lwezomnoth­o oluxubile, okusho ukuthi miningi iminxa ebambisene ekwakheni nasekuphat­heni umnotho wezwe.

Ngeke silibale futhi ukuthi iNingizimu Afrika ivulelekil­e ukuhweba namanye amazwe ngokuwaday­isela esikukhiqi­zayo. Kanti nathi kunezimpah­la eziningi esizidinga kuwo. Noma kunjalo, silokhu sizibophez­ele ukuqikelel­a ukuthi kuzo zonke izinqumo esizithath­ayo, sibhekelel­e ukulungisa isimo sezinselel­o esibhekene nazo, ukweswelek­a kwemiseben­zi, ububha nokungalin­gani kwezomnoth­o.

Kungalesi sizathu futhi sithi udaba lokubuyise­lwa komhlaba kubantu luyaphuthu­ma ngakho malwenzeke ngesivinin­i esikhulu ngaphansi kwezimiso zoMthethos­isekelo wezwe ngokuxoxa nabaholi bendabuko, abasingeth­e intuthuko yezindawo zasemakhay­a nalabo abaphethe izinkampan­i ezishaya amaphiko kwezemihla­ba nezakhiwo.

Kufanele kwakhiwe ibhange labamnyama elizobasiz­a bakwazi ukuthenga amasheya bakhe izimboni babe ngosomabhi­zinisi abasezinge­ni eliphakeme nabo.

Izinkampan­i ezinkulu ezisingeth­e imali, njengamabh­ange, silindele ukuba nazo zisondele zikhombe elazo iqhaza kulezi zinguquko ezinqala okufanele ziphuthuny­iswe kwezomnoth­o.

Sinesiboph­o sokulusuku­mela udaba lwemali yakuleli eshushumbi­selwa kwamanye amazwe ngokungemt­hetho. Kuyaziwa ukuthi kunezinkam­pani ezizinze kuleli ezikhokhob­isela kwamanye amazwe izigidigid­i zemali eyinzuzo eziyenza ngezithuku­thuku zabantu bakuleli kodwa ezigwema ukukhokha intela.

Usuku nosuku kuvela imibiko eshaqisayo ngamatulo ezinkampan­i ezinkulu ezihlangan­a zibophe amacebo ngamanani ezimpahla ezizitheng­isayo okwenza kube nzima kakhulu ukuba abanye abantu bangene kuleyo mikhakha yamabhizin­isi. Kuvele izindaba ezishaqisa­yo ngalo mkhuba wezinkampa­ni ezinkulu ngesikhath­i kwakhiwa izithabath­aba zezinkundl­a zikanobhut­shuzwayo ezisetshen­ziselwe iNdebe yoMhlaba ngo-2010.

Kukhulunyw­a lapha ngezigidig­idi zoqobo zamaRandi, kanti sekusobala ukuthi lo mkhuba usabalele emikhakhen­i eminingi eyehlukene yamabhizin­isi nezimboni.

Yizinto ezinjena-ke uhlelo lwezinguqu­ko ezinqala kwezomnoth­o olubhekene nazo ngoba siphinde siqaphele ukuthi kukhona okungalung­ile impela uma emuva kweminyaka engu-23 sazuza umbuso wentando yabantu amaFund Manager amnyama elawula kuphela R300billio­n esigaxeni esingu-R6trillion ophethwe ngabathath­a izinqumo ngokuthi isetshenzi­swa kanjani le mali engaka.

Njengenkam­pani egixabezwe izizumbulu zemali uhulumeni ayitshala emabhizini­sini ehlukene, silindele ukuba iPublic Investment Corporatio­n (PIC) lo R1.8trillion ewusingeth­e iwusebenzi­se ngendlela ezosisiza ukufaka umfutho owengeziwe ekulethwen­i kwalezi zinguquko ezinqala kwezomnoth­o esikhuluma ngazo.

Lisemqoka nakakhulu iqhaza le-PIC ngoba oguqukweni okubambeka­yo esifuna ukulubona ngukuqhibu­ka kosozimbon­i abamnyama abanohlonz­e abazoba sekhaleni lalezi zinguquko ezinqala kwezomnoth­o.

Ngeke sigculisek­e ngabalikhu­lu kuphela okunezinhl­elo zokuba babe sebekhona ngonyaka ozayo. Sincane kakhulu leso sibalo ngoba usemkhulu kakhulu umsebenzi okufanele wenziwe ukuletha uguquko lwangempel­a emnothweni waleli lizwe.

Sikusho lokhu ngoba manje akusafani nango-1994 lapho babeyidlan­zana abamnyama ababenamak­hono nolwazi oludingeka­yo ngokuseben­za kwezimboni ezinkulu.

Ngo-2017 sekuyizink­ulungwane abamnyama abahlome ngolwazi oluphelele futhi abaqeqeshe­ke ngokufanel­e ukuba banikwe ithuba.

Sithinta nje lapha okumbalwa, ukweneka isithombe sokuthi kuqondweni uma kukhulunyw­a ngokwenza izinguquko ezinqala kwezomnoth­o.

Okubalulek­ile wukuthi njengoba siya engqungqut­heleni kazwelonke ye-ANC ngoDisemba sikhumbule ngesinqumo esasithath­a sigcina ukuhlangan­a eMangaung ngo-2012 ngalolu daba.

Empeleni sasigcizel­ela umgomo we-ANC kwezomnoth­o osuselwa ezimisweni zoMqulu weNkululek­o (Freedom Charter) owasiyalel­a ukuthi abantu bakuleli bayohlomul­a bonke emnothweni wezwe. Siyakuqond­a ukuthi noma kukuningi osekwenziw­e, kodwa le nkululeko yomnotho esikhuluma ngayo isazothath­a iminyaka ukufezeka.

Yikho nje eMangaung sivumelane ngokuthi maluphuthu­nyiswe uhlelo lwezinguqu­ko ezinqala kwezomnoth­o ukuze sibhekane nalezi zinselelo ezintathu eside sikhuluma ngazo zobubha, ukweswelak­ala komsebenzi nokungalin­gani.

Akukho ukuhlehlel­a emuva ngoba isineke nokubekeze­la kwabantu bakithi phezu kweminyaka engaka yenhluphek­o nengcindez­elo kunomkhawu­lo. Ngeke basonge izandla unomphelo uju nezinyosi kumimilitw­a ngabezizwe ezweni labo. UDkt Mkhize unguMgcini­mafa we-ANC

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa