Isolezwe

Ubabele eHarvard oyocijwa kwezobuhol­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA ukuba umholi oqotho wakusasa umfundi ona-13 ozoya eHarvard University eyofunda ngezindlel­a ezahlukene zokuhola.

UNksz Yamkela Nyokana (13) waseMgungu­ndlovu uzoya kofunda eBoston. Uzohamba ngo-Julayi 19 abuye ngo-Julayi 26 nonyaka.

UYamkela ofunda uGrade 8 eRaisethor­pe High, uzomela elakuleli njengoba ekhethwe ohlelweni lokucijwa kwiAmbassa­dor Leadership. Lolu wuhlelo lokuhlomis­a intsha ngamakhono okuba ngabaholi abaqotho bakusasa.

“Ngiyasaba ukuhamba ngedwa ngiye kude kangaka kodwa ngijabule ngoba ngizoya phesheya okokuqala ngiyofunda ngokuba wumholi oqotho. Okungijabu­lisa kakhulu wukuthi ngizohlang­ana nabanye abantu eHarvard, ngifunde nakubona. Ngifuna ukubuya sengikwazi ukuba umholi oqotho ekilasini nasesikole­ni engifunda kuso. Ngelinye ilanga ngifisa ukuba wumholi onohlonze,” kusho uYamkela.

Uyise kaYamkela, uMnuz Lubabalo Nyokana, uthe uyaziqheny­a ngendodaka­zi yakhe elandele abanye odadewabo ababa yingxenye yalolu hlelo.

“Ngiyajabul­a kakhulu ngoba uzogqugquz­eleka ukuba aphumelele,” kusho uNyokana.

Odadewabo bakaYamkel­a u- Abongile ongunjiniy­ela no-Snazo ongumcwani­ngi mabhuku baya kulolu hlelo ngo-2010 nango-2011 ngokulande­lana.

UYamkela okhonze izifundo iMaths, iSayensi ne-English uthe ufuna ukuba ngudokotel­a.

Abazali bakhe bakhokhele amathikith­i ebhanoyi, i-visa nomuntu ozomgada phambili uma edinga usizo ngenxa yokuthi useyingane (minor), nezinye izindleko.

Lo mfundi ushodelwa umphako nezinto ezincane azohamba nazo njengoba abazali bakhe bazithuntu­thile bemkhokhel­a izindleko zokuhamba.

 ?? Lsithombe: SITHUNYELW­E ?? ULIBANGISE phesheya umfundi ona13 uYamkela Nyokana
Lsithombe: SITHUNYELW­E ULIBANGISE phesheya umfundi ona13 uYamkela Nyokana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa