Abathathe ubukhosi besebancane
AKUVAMILE ukuthi isizwe siphathwe yinkosi eneminyaka engaphansi kwengu-50 kwazise isikhathi esiningi kuvamise ukuthi kube ngamadoda ampunga ekhanda.
Kule nyanga yabantu abasha Isolezwe likhulume namakhosi amasha kodwa mabili kuphela athandile ukukhuluma nentatheli ngempilo yawo nezingqinamba abhekana nazo.
Isolezwe likhulume nenkosi yaseMazimeleni, uThanda Mzimela (33) nenkosi Bokang Molefe (42) yaseNquthu.
UMzimela uqale ukuphatha ngo2015 emuva kokukhothama kwenkosi uMpiyezintombi Mzimela ngo-2014.
“Ngafundela ubuthishela kanti bengiwuthisha ezikoleni zasoLundi naseSikhawini. Emuva kwalokho ngisebenze enkampanini eyakha ukhonkolo iConrite ngiyiSite Manager. Ngase ngiqokwa ukuphatha isizwe ngo2014 emuva kokukhothama kukababa ngase ngibekwa ngokusemthethweni ngo2015,” kusho uMzimela.
Uthe unezigodi ezingu-26 kanti ukuphatha isizwe wumsebenzi awuthokozelayo yize unezingqinamba eziningi.
“Kunzima ukuba yinkosi ngoba abantu abasawahloniphi amakhosi bahlonipha osopolitiki abanemali. Ubaba ubengumuntu ongazwani nento ebhedayo bebethi bazokwenza umathanda ngoba sekukhona mina kodwa ngabakhombisa ukuthi ngeke kwenzeke lokho. Ipolitiki isisebenzisa kabi kodwa ngihlala ngibakhumbuza ukuthi isizwe kufanele sibumbane,” kusho uMzimela.
Uthe akazihambi izindawo zobumnandi ngoba ngesikhathi eqokwa njengenkosi wazitshela ukuthi sekuphelile ukuba ngumuntu omusha.
“Ngihlala nabantu abadala ngizishisele inyama. Angiyena umuntu wobumnandi. Ngiyahlala ekhaya ngizibukele ibhola kanti ngithanda i-Orlando Pirates. Ngiyabathanda abantu ngoba yibona ikusasa lesizwe. Ngiyabagqugquzela ukuthi bangashiyi amakhaya bayokhwakha imijondolo koThekwini ngoba lokho kubuyisela uhulumeni emuva. Ikhona impucuzeko emakhaya asikho isidingo sokuthi abantu bahlale emadolobheni,” kusho uMzimela.
UMzimela ubeshadelwe nguNdlunkulu uZodumo Vundla-Mzimela ongasekho kanti bebebusiswe ngabantwana ababili, oyedwa uyaphila kanti owesibili washona nonina.
Inkosi Bokang Molefe itshele Isolezwe ukuthi yaphakanyiselwa esihlalweni sobukhosi ngo-2008 emuva kokukhothama kukayise u-Alphas Molefe.
“Ngingene esihlalweni sobukhosi ngina-35 manje sengina-42 ngineminyaka eyisikhombisa ngiphethe. Ngineziqu kwezokukhangisa engazithola eVryheid College, ngasebenza kwinyunyana yabasebenzi iSaccawu ngasebenza kwesinye sezitolo zokudlela lapho ngagcina sengiqokwa ukuthi ngiyophatha elinye igatsha lalesi sitolo eliKwaNongoma,” kusho uMolefe.
Phakathi kwezingqinamba abhekene nazo ubalule eyokuthi abantu bebengakwamukeli ukuthi bazophathwa yinkosi encane kodwa bathe uma bebona ukuthi yonke into uyihambisa ngendlela bamamukela.
Wabalula ukungafundwa kwesiSotho ezikoleni yize izingane zabeSotho baseNquthu zikhuluma lolu limi emakhaya.
Uthe umatasa nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi izingane zabeSotho zifunda isiSotho ezikoleni ngoba asifundwa ezikoleni eziningi.
“Intsha yakuthokozela ukuqokwa kwenkosi encane, abadala bebenakho ukungangithembi kodwa manje sebengamukele. Ingqinamba engibhekene nayo eyokuthuthukisa isizwe njalo, ngihlala ngifuna amasu okuqinisekisa ukuthi isizwe siyathuthuka. Nginezigodi ezingaphezu kuka-50 nezinduna ezingu-17. Kufanele ngiqinisekise ukuthi abantu bahleli kahle. Okwamanje sinemayini emba itshe (dolorite) esakhasa ngoba mancane amathuba omsebenzi ewavulile,” kusho uMelofe.
Uthe bavula iTrust Account yesizwe ukuze sithole imali ethile enzuzweni eyenziwa yimayini.
Leyo mali izosetshenziselwa ukwakha isikhungo sokuthuthukisa amakhono, ukusiza abantu kwezolimo nokwakha izitina.
UMolefe ugqugquzele abantu ukuthi bazigqaje ngemvelaphi yabo ngoba umuntu ongazazi ukuthi uvelaphi akabi nempumelelo.
“Kubalulekile ukuthi sizigqaje ngemvelaphi yethu noma ngabe sikuphi. AbeSotho bafika eminyakeni engu-135 eNquthu kanti bahleli ngokuthula nezizwe abakhelene nazo. Siyasikhuluma isiSotho sethu futhi siyawenza namasiko ngokukhululeka. Sinosiko olubizwa ngoku-bolla okuyisikhathi lapho abafana beya entabeni babuye sebengamadoda. Akufani nokusoka lokhu kwasezibhedlela kodwa kuyisiko elalwenziwa ngokhokho bethu,” kusho uMolefe.
Inkosi Molefe ishadelwe nguNdlunkulu uMaButhelezi kanti babusiswe ngezingane ezintathu uNaledi, Tumelo noKatleho.