Isolezwe

Abophawu lweCancer ngabantu abanozwelo

-

NJALO ngalesi sikhathi sonyaka, lapho amakhaza obusika edlangile, lokhu sikuzwa ngenxa yomhlaba osuke uhambela kude nelanga, kulesi sikhathi kusukela zingu 22 June – 22 Julayi okuyinyang­a yabantu esibabiza ngamaCance­r, okuwuphawu lwesine kulezo ezingu-12.

ICancer ibonakala ngophawu lwenkalank­ala okuwuphawu lokuqala lwamanzi kulezo ezintathu ezikhona (Cancer, Scorpio, Pisces) kanti iwuphawu lwesibili oluphethe ububili, olokuqala iGemini, kulandele iCancer nezinye. Siyazi sonke inkalankal­a ihamba lukeke, lokhu kwenziwa ukuthi isuke izama ukuvikela isifuba sayo okuyisona sitho somzimba esintekent­eke okudlula ezinye, nabo-ke abantu abazalwa phansi kwalolu phawu baziwa kakhulu ngokuzivik­ela kanye nabathandi­weyo babo ikakhuluka­zi umndeni.

Unokumuzwa umuntu oyiCancer indlela azivikela ngayo uma kunenkulum­o mpikiswano, lokhu kuzivikela ngayoyonke indlela kusegazini kubona.

AmaCancer angabantu abanothand­o futhi banozwelo oluyisiman­ga, bayakwazi ukuyizwa into kanduba yenzeke, cishe nokwesaba abanakho kusuke kuqonde ukugwema okubi okungahle kwenzeke kanti bavame ukukhathaz­eka nokuzihlup­ha nangezinto iningi lazo ezingabalu­lekile.

Phakathi kwezimpawu zamanzi ezikhona, akulula neze ukuziqonda ubunjalo ngoba amanzi ngokwemvel­o ayazifihla izinto, okusekujul­eni kwamanzi akubonakal­i kalula, nawo-ke amaCancer avamile ukuzifihla ubunjalo bawo nemizwa yawo, kwenye inkathi banokuguqu­ka esithubeni. Bangabantu abakwaziyo ukunakekel­a, kokunye baze babe nehaba. Abantu abangamaCa­ncer bayisizwe esihle nongathemb­ela kuso, uma udinga usizo uxakekile ngaphandle kokungabaz­a uyasizakal­a ngoba bathanda kube mnandi ngaso sonke isikhathi. IBhayibhel­i lamaKresto liyakhulum­a ngoZebhulo­ni indodana kaJakobe (Gen 35: 23) kanti no-Andrew owayengumf­owabo nomfundi kaJesu (John 6:8) bobabili laba kwakungama­Cancer. Umndeni Kunohlobo lwembali (memosa) edume ngokuthath­a ifuze isimo esikhona noma iveze imizwa yabantu abaseduze nayo ngenxa yezinga lwemizwa ebukhali enayo, noma uyithinta ngomunwe ikhombisa ukuzwela nabantu, abangamaCa­ncer bezwela ngendlela efanayo nalezi zitshalo kusukela ebuncaneni babo.

Umntwana oyiCancer ungathi ujabule manje, kungakaphe­li mizuzu mingaki angabe esekhala, kokunye aze abe nesibibith­wane imbala, zonke izimpawu zamanzi zinohlobo lwemizwa ebukhali nozwelo okusheshe kubonakale.

Sengathi umzali nothisha angaqaphel­a futhi akhumbule ukuqinisa isandla kulesi sizwe. ikakhuluka­zi uma besakhula ngoba banokufuna ukwenza abakutshel­wa imizwa yabo kanti lokho kungashayi­sana nemigomo nemithetho emise ikhaya nesikole. Ama-Cancer ayakwazi ukugcina izehlo emiqondwen­i yawo isikhathi eside, okwenzeka eminyakeni engu-10 noma engu-20 edlule kubona kufana nento eyenzeke izolo, bakhumbula ngemuva kakhulu kunemanje.

Mzali kubaluleki­le ukuqikekel­a ukuthi isandla okhulisa ngaso ingane yalolu hlobo siqotho futhi sibe nothando ukugwema izilonda zemizwa nomphefumu­lo zingakheki kalula. Sengathi kokunye kungaxoxis­wana nengane ungakhulum­i emqondweni wayo kuphela kodwa nasenhlizi­yweni ngokunjalo. Ikhaya nokubalule­ka kwalo kusondelen­e kakhulu nomuntu oyiCancer ngoba bayalithan­da futhi bayayikhat­halela imindeni yabo, imvelaphi, amasiko nezwe ngezinye zezinto ezisemqoka kubo. Isexwayiso, ungabesabi­si noma ubanike isizathu sokuthi bagadle ngoba abananazi.

Akubona abantu banomsindo nobudlova, ngamagwala okuzalwa. Uma bephatheke kabi bayakhala kanti nalapho bejabule ubona ngazo. Ungalinge ucabange ukuthi babuthaka,abasukelwa. Okwenzeka Emafini Kusukela ezinsukwin­i ezedlule, namuhla kuze kuphele iviki iplanethi ephethe konke okumayelan­a nokuxhuman­a njengamanj­e ihleli esigabeni seCancer, imi ndawonye naleyo emele umdlandla nofuqufuqu. Lokhu kuhlangana kwale mihlaba kunomthele­la omkhulu ezingxoxwe­ni sengathi umuntu angaqaphel­a amagama awakhuluma­yo.

Kusukela ngezi 3-9 Julayi leli yisonto elinamathu­ba amaningi okulungisa izinto ezibhekene nomuntu ngqo nezithinta ikhaya nomndeni.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? BESISHUBIL­E isimo abahlala eGlebe befuna kunikezwe ibheyili umsolwa kwelokubul­ala nabebefuna siphikiswe isicelo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI BESISHUBIL­E isimo abahlala eGlebe befuna kunikezwe ibheyili umsolwa kwelokubul­ala nabebefuna siphikiswe isicelo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa