Abophawu lweCancer ngabantu abanozwelo
NJALO ngalesi sikhathi sonyaka, lapho amakhaza obusika edlangile, lokhu sikuzwa ngenxa yomhlaba osuke uhambela kude nelanga, kulesi sikhathi kusukela zingu 22 June – 22 Julayi okuyinyanga yabantu esibabiza ngamaCancer, okuwuphawu lwesine kulezo ezingu-12.
ICancer ibonakala ngophawu lwenkalankala okuwuphawu lokuqala lwamanzi kulezo ezintathu ezikhona (Cancer, Scorpio, Pisces) kanti iwuphawu lwesibili oluphethe ububili, olokuqala iGemini, kulandele iCancer nezinye. Siyazi sonke inkalankala ihamba lukeke, lokhu kwenziwa ukuthi isuke izama ukuvikela isifuba sayo okuyisona sitho somzimba esintekenteke okudlula ezinye, nabo-ke abantu abazalwa phansi kwalolu phawu baziwa kakhulu ngokuzivikela kanye nabathandiweyo babo ikakhulukazi umndeni.
Unokumuzwa umuntu oyiCancer indlela azivikela ngayo uma kunenkulumo mpikiswano, lokhu kuzivikela ngayoyonke indlela kusegazini kubona.
AmaCancer angabantu abanothando futhi banozwelo oluyisimanga, bayakwazi ukuyizwa into kanduba yenzeke, cishe nokwesaba abanakho kusuke kuqonde ukugwema okubi okungahle kwenzeke kanti bavame ukukhathazeka nokuzihlupha nangezinto iningi lazo ezingabalulekile.
Phakathi kwezimpawu zamanzi ezikhona, akulula neze ukuziqonda ubunjalo ngoba amanzi ngokwemvelo ayazifihla izinto, okusekujuleni kwamanzi akubonakali kalula, nawo-ke amaCancer avamile ukuzifihla ubunjalo bawo nemizwa yawo, kwenye inkathi banokuguquka esithubeni. Bangabantu abakwaziyo ukunakekela, kokunye baze babe nehaba. Abantu abangamaCancer bayisizwe esihle nongathembela kuso, uma udinga usizo uxakekile ngaphandle kokungabaza uyasizakala ngoba bathanda kube mnandi ngaso sonke isikhathi. IBhayibheli lamaKresto liyakhuluma ngoZebhuloni indodana kaJakobe (Gen 35: 23) kanti no-Andrew owayengumfowabo nomfundi kaJesu (John 6:8) bobabili laba kwakungamaCancer. Umndeni Kunohlobo lwembali (memosa) edume ngokuthatha ifuze isimo esikhona noma iveze imizwa yabantu abaseduze nayo ngenxa yezinga lwemizwa ebukhali enayo, noma uyithinta ngomunwe ikhombisa ukuzwela nabantu, abangamaCancer bezwela ngendlela efanayo nalezi zitshalo kusukela ebuncaneni babo.
Umntwana oyiCancer ungathi ujabule manje, kungakapheli mizuzu mingaki angabe esekhala, kokunye aze abe nesibibithwane imbala, zonke izimpawu zamanzi zinohlobo lwemizwa ebukhali nozwelo okusheshe kubonakale.
Sengathi umzali nothisha angaqaphela futhi akhumbule ukuqinisa isandla kulesi sizwe. ikakhulukazi uma besakhula ngoba banokufuna ukwenza abakutshelwa imizwa yabo kanti lokho kungashayisana nemigomo nemithetho emise ikhaya nesikole. Ama-Cancer ayakwazi ukugcina izehlo emiqondweni yawo isikhathi eside, okwenzeka eminyakeni engu-10 noma engu-20 edlule kubona kufana nento eyenzeke izolo, bakhumbula ngemuva kakhulu kunemanje.
Mzali kubalulekile ukuqikekela ukuthi isandla okhulisa ngaso ingane yalolu hlobo siqotho futhi sibe nothando ukugwema izilonda zemizwa nomphefumulo zingakheki kalula. Sengathi kokunye kungaxoxiswana nengane ungakhulumi emqondweni wayo kuphela kodwa nasenhliziyweni ngokunjalo. Ikhaya nokubaluleka kwalo kusondelene kakhulu nomuntu oyiCancer ngoba bayalithanda futhi bayayikhathalela imindeni yabo, imvelaphi, amasiko nezwe ngezinye zezinto ezisemqoka kubo. Isexwayiso, ungabesabisi noma ubanike isizathu sokuthi bagadle ngoba abananazi.
Akubona abantu banomsindo nobudlova, ngamagwala okuzalwa. Uma bephatheke kabi bayakhala kanti nalapho bejabule ubona ngazo. Ungalinge ucabange ukuthi babuthaka,abasukelwa. Okwenzeka Emafini Kusukela ezinsukwini ezedlule, namuhla kuze kuphele iviki iplanethi ephethe konke okumayelana nokuxhumana njengamanje ihleli esigabeni seCancer, imi ndawonye naleyo emele umdlandla nofuqufuqu. Lokhu kuhlangana kwale mihlaba kunomthelela omkhulu ezingxoxweni sengathi umuntu angaqaphela amagama awakhulumayo.
Kusukela ngezi 3-9 Julayi leli yisonto elinamathuba amaningi okulungisa izinto ezibhekene nomuntu ngqo nezithinta ikhaya nomndeni.