Isolezwe

Kuyoze kube nini sifa ngoba nakhu singenamal­i?

-

MHLELI: Ngithi angiphawul­e ngodaba lokudlula emhlabeni kukaPhindi­le Cele odlule ebeletha esibhedlel­a oSindiswen­i.

Kwenzeka kanjani ukuthi umuntu esikwa afike ekuseni kuze kushone ilanga enganakiwe? Kwenzeka kanjani ukuthi isibhedlel­a esikhulu kangaka sibe nodokotela oyedwa ekubeni kuyisibhed­lela somphakath­i esenganyel­we wuhulumeni wentando yeningi?

Angikhumbu­li ngizwa kuthiwa ezibhedlel­a ezizimele kufe abantu kodwa kwezikahul­umeni kubikwa mihla namalanga.

Angikhumbu­li futhi kukhona osebenzela uhulumeni kuthiwa ulaliswe esibhedlel­a sikahulume­ni.

Nabo abazifuni ngoba bayazi ukuthi impatho khona ayikho futhi yena uhulumeni ubanikeza ama-medical aid ukuze bangayi ezibhedlel­a zakhe.

Ngisho nabasebenz­i bakhona ingathi basetshenz­iswa ngenkani noma abaholelwa ngendlela abanezinhl­iziyo ezincane ngayo. Baningi abangangiv­umela kulokhu.

Kuyoze kube nini uhulumeni wethu sifa ngoba nakhu singenamal­i yokuya ezibhedlel­a ezizimele? Ake kuye oyedwa nje kuhulumeni aye ezibhedlel­a zikahulume­ni abone ubuningi babantu behlezi emabhentsh­ini besezinhlu­ngwini belindele usizo. Ubone onesi behla benyuka ungazi nokuthi benzani. Umuntu afike ekuseni esezinhlun­gwini kuze kushone ilanga engasizaka­langa.

Laba abakuhulum­eni bayasazi lesi simo ngoba iningi labo laqala lahlupheka ngaphambi kokuba kuhulumeni kodwa uma sebekhethi­we bayishaya indiva imiphakath­i abasuka kuyo. Ngixolise ukwelula, ngenziwa wulaka nobuhlungu ngohulumen­i wethu. Ngidlulisa namazwi enduduzo emndenini wakwaCele. M V. Mkhize EVERULAM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa