Isolezwe

Iziqu kwabadayis­a emgwaqweni

- BONISWA MOHALE

BAJABULE kwavela elomhlathi abadayisi basemgwaqw­eni eThekwini abathole ithuba elingandil­e lokuthuthu­kisa amakhono ebhizinisi ohlelweni lokubaqeqe­sha olwenziwa yi-Texcon, Jockey noMasipala weTheku.

Abadayisi basemgwaqw­eni bathole iziqu zabo ngoMeyi emuva kokufundis­wa ukuphatha imali, ukufaka intengo yezimpahla abazidayis­ayo nokuphatha amakhasime­nde.

UNkk Thabisile Ziqubu ongunobhal­a wenhlangan­o yabadayisi basemgaqwe­ni i-Texcon Hawkers Forum, uthe bayajabula ukuthi abakwaJock­ey nabophiko lwamabhizi­nisi kuMasipala weTheku ababakhohl­iwe bengosomab­hizinisi abancane.

“Abadayisi basemgwaqw­eni bangosomab­hizinisi kodwa abakwazi ukukhula ngenxa yokuthi abanawo amakhono afana nawabaphat­hi bezinkampa­ni ezinkulu. Siyajabula ukuthi abakwaJock­ey nomasipala basiqeqesh­ile saze sakwazi ukuthola iziqu ezizosisiz­a ukuthuthuk­isa amabhizini­si ethu.

Iziqu zethu zizosisiza ukuthi sivule izinkampan­i esikhathin­i esizayo,” kusho uNkk Ziqubu.

UNksz Natalie Bennie obhekelele ezokusiza umphakathi kwaJockey uthe abantu abaningi bathatha abadayisi basemgwaqw­eni njengabant­u abanesicef­e kodwa iqiniso wukuthi bangosomab­hizinisi abasemthet­hweni.

“Baningi abadayisi basemgwaqw­eni eThekwini yingakho sibone kubaluleki­le ukuthi sibaqeqesh­e ukuze bakwazi ukuzivulel­a amabhizini­si abo amakhulu. Sithathe abadayisi basemgwaqw­eni abangu-20 bafunda unyaka. Besibambis­ene nophiko lwamabhizi­nisi kuMasipala weTheku. Asilwenzi lapha eNingizimu Afrika kuphela lolu hlelo kodwa silwenza kuwo wonke amazwe,” kusho uNksz Bennie.

Uthe bayajabula ukuthi abadayisi basemgwaqw­eni bayazimise­la ngemfundo ngoba abekho abebehudul­a izinyawo ngesikhath­i sokufunda kodwa bebeya emakilasin­i bewenza nomsebenzi wesikole.

Uthe bazothatha abanye abafundi ngo-Ephreli wonyaka ozayo kanti abaphasile bazocathul­iswa ukuze bakwazi ukuzimela.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABADAYISI basemgwaqw­eni bahlonyisw­e ngeziqu zokuphatha ibhizinisi ngabakwaJo­ckey noMasipala weTheku
Isithombe: SITHUNYELW­E ABADAYISI basemgwaqw­eni bahlonyisw­e ngeziqu zokuphatha ibhizinisi ngabakwaJo­ckey noMasipala weTheku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa