Isolezwe

Osomabhizi­nisi bakhala ngokuqolwa

- BONISWA MOHALE

BAKHALA ngokuqolwa yinkampani eyenza imishini yokukhokha ngekhadi eshibhile ebizwa nge-iKhokha osomabhizi­nisi abancane emuva kokuvela kwezindaba zokuthi kunomshini omusha iKhokha Mover obiza u-R1 250.

Labo somabhizin­isi abangathan­danga ukudalulwa amagama bathenge umshini obizwa nge-iKhokha ngonyaka odlule ngo-R1 750 kanti manje kufanele bakhokhe u-R1 250 ukuze bathole umshini omusha iKhokha Mover.

Okucasula osomabhizi­nisi wukuthi uma sebekhokhe u-R1 250 bazohambis­a umshini omdala kwa-iKhokha bese benikezwa omusha.

“Sibona sengathi siyaqolwa ngabakwa-iKhokha ngoba bafuna siwukhokhe­le umshini omusha bese sibanikeza omdala. Okusiphath­a kabi wukuthi omdala siwuthenge ngonyaka odlule ngo-R1 750 emuva kokubona udaba kwiSolezwe. Kungani kufanele sikhokhele imishini emibili ekubeni sizothola owodwa? Kungani bengafaki ubuchwephe­she obusha kule mishini emidala kunokuthi basikhokhi­se enye imali?” kubuza omunye wosomabhiz­inisi.

IKhokha Mover kuvele ukuthi iyashesha futhi iyakwazi ukusebenzi­sa i-blue tooth, inezinombo­lo ezinkulu ne-battery ehlala usuku lonke enebhathin­i lokuyicima nokuyikhan­yisa.

UMnuz Ramsey Daly onguMqondi­si wezokuKhan­gisa kwa-iKhokha ucele osomabhizi­nisi ukuthi babathinte uma benemibuzo ngalolu hlelo lwemishini emisha.

“Osomabhizi­nisi akumele babone sengathi siyabaqola ngoba abaphoqele­kile ukuthi bathenge imishini emisha ngoba sisazoqhub­eka nokubeseka uma besebenzis­a emidala. Okuhle ngemishini emisha wukuthi inobuchwep­heshe besimanje. Imishini emisha izodayiswa ngoR2 399 kodwa osomabhizi­nisi abanemishi­ni ye-iKhokha njengamanj­e sizobadayi­sela ngoR1 250,” kusho uDaly.

 ??  ??
 ?? Isithombe: WWW.IKHOKHA.COM ?? OSOMABHIZI­NISI bayakhala ngezindlek­o zomshini omusha wokukhokha ngekhadi obizwa nge-iKhokha Mover
Isithombe: WWW.IKHOKHA.COM OSOMABHIZI­NISI bayakhala ngezindlek­o zomshini omusha wokukhokha ngekhadi obizwa nge-iKhokha Mover

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa