Iziqu kwabadayisa emgwaqweni
BAJABULE kwavela elomhlathi abadayisi basemgwaqweni eThekwini abathole ithuba elingandile lokuthuthukisa amakhono ebhizinisi ohlelweni lokubaqeqesha olwenziwa yi-Texcon, Jockey noMasipala weTheku.
Abadayisi basemgwaqweni bathole iziqu zabo ngoMeyi emuva kokufundiswa ukuphatha imali, ukufaka intengo yezimpahla abazidayisayo nokuphatha amakhasimende.
UNkk Thabisile Ziqubu ongunobhala wenhlangano yabadayisi basemgaqweni i-Texcon Hawkers Forum, uthe bayajabula ukuthi abakwaJockey nabophiko lwamabhizinisi kuMasipala weTheku ababakhohliwe bengosomabhizinisi abancane.
“Abadayisi basemgwaqweni bangosomabhizinisi kodwa abakwazi ukukhula ngenxa yokuthi abanawo amakhono afana nawabaphathi bezinkampani ezinkulu. Siyajabula ukuthi abakwaJockey nomasipala basiqeqeshile saze sakwazi ukuthola iziqu ezizosisiza ukuthuthukisa amabhizinisi ethu.
Iziqu zethu zizosisiza ukuthi sivule izinkampani esikhathini esizayo,” kusho uNkk Ziqubu.
UNksz Natalie Bennie obhekelele ezokusiza umphakathi kwaJockey uthe abantu abaningi bathatha abadayisi basemgwaqweni njengabantu abanesicefe kodwa iqiniso wukuthi bangosomabhizinisi abasemthethweni.
“Baningi abadayisi basemgwaqweni eThekwini yingakho sibone kubalulekile ukuthi sibaqeqeshe ukuze bakwazi ukuzivulela amabhizinisi abo amakhulu. Sithathe abadayisi basemgwaqweni abangu-20 bafunda unyaka. Besibambisene nophiko lwamabhizinisi kuMasipala weTheku. Asilwenzi lapha eNingizimu Afrika kuphela lolu hlelo kodwa silwenza kuwo wonke amazwe,” kusho uNksz Bennie.
Uthe bayajabula ukuthi abadayisi basemgwaqweni bayazimisela ngemfundo ngoba abekho abebehudula izinyawo ngesikhathi sokufunda kodwa bebeya emakilasini bewenza nomsebenzi wesikole.
Uthe bazothatha abanye abafundi ngo-Ephreli wonyaka ozayo kanti abaphasile bazocathuliswa ukuze bakwazi ukuzimela.