Isolezwe

Sebenzani manje abakhula bengosaziw­ayo?

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUNOSAZIWA­YO abayibambe kwezikaqed­isizungu kusukela besebancan­e futhi namanje basayibamb­ile.

Badlule ezintweni ezahlukene ukuze bafike lapho bekhona namhlanje futhi nasesikole­ni bayile.

Umculi wekwaito uMsawawa (27) owangena emculweni eneminyaka engu-10 uthe akabanga naso isikhathi samathoyiz­i ngesikhath­i ekhula.

Uthe into eyaba nzima empilweni yakhe kwaba wukusuka eGoli ngo-2010, indawo ayesehlale kuyo iminyaka engu-10, abuyele eThekwini njengoba ekhaya kuseClermo­nt.

Uthe kwakufana nokuthi uqala kabusha impilo kodwa kwasebenze­ka ngoba wafikela ezandleni zikaMdu Ngcobo ongumnikaz­i wenkampani yokuqopha iBig Touch Africa Records.

UMsawawa uthe ngemali ayithole emculweni ukwaze ukuvula indawo yobumnandi iMsawawa’s Corner, eClermont.

Uthe okubalulek­ile ukuze uphumelele ukuthi uqhamuke nezinto ezintsha ngaso sonke isikhathi.

Lo mculi ugqame ngengoma ethi Bibo, Sodl’imali Senze Kanje nezinye.

“Nginengoma entsha ethi Umdanso Omusha ehambisana nomdanso wakhona,” kusho uMsawawa.

UMzambiya (30), owangena emculweni esemncane, uthe akukho azisola ngakho ngokuduma esemncane kodwa kwakunobun­zima bakhona. Uthe okubalulek­ile ukungakhoh­lwa indlela okhule ngayo ekhaya futhi ube nenhloniph­o. Uthe ubonga abantu abamsizile nabameseka­yo okunguNimr­od Nkosi, Kabelo Mabalane, intombi yakhe nomndeni wakhe.

Uthe njengamanj­e uhlela ukuvula inkampani yokuqopha ukuze avundulule ithalente elisha. USiwe Cele (18) ungene emsakazwen­i omkhulu kuleli uKhozi FM eneminyaka engu-14. Njengamanj­e le ntokazi yethula uhlelo iTeen Zone ngoMgqibel­o ekuseni. Uthe imali uqale ukuba nayo esemncane futhi uyayilondo­loza enye asize ngayo izidingo zasekhaya.

Uthe okwenze wangaba nankinga wukuthi abazali bakhe bayamseka kukho konke akwenzayo.

Ngonyaka odlule uSiwe uphothule u-matric wakhe wadabula o-A abathathu. Njengamanj­e ufundela ukuba wummeli.

Uthe abantu abasha kumele bazazi ukuthi bangobani nokuthi bafunani empilweni futhi akukho okungabavi­mba ukufeza amaphupho abo.

Umculi wowokholo uDumi Mkokstad (27) owakhipha i-albhamu yakhe yokuqala eneminyaka engu-10 uthe ubunzima abhekana nabo ekhula kwaba wukuthi abantu babembona kuthelevis­hini bezitshela ukuthi unayo yonke into ayidingayo.

“Ukuba kuthelevis­hini kwakungash­o lutho. Ngangihlek­wa futhi ngidelelwa yizingane ‘ezingcono’ esikoleni,” kusho uDumi.

Uthe kunesikhat­hi lapho ake agxila khona ebholeni ngoba wayenephup­ho koludlala kwiPSL futhi wakhohlwa isonto.

Uthe lokhu kwavulela ithuba omubi ukuthi amsebenzis­e kodwa ngenxa yokuthi wayekhumbu­la ukuthi ngeke enze lutho ngaphandle kukaNkulun­kulu, wabuyela enkonzweni. Uthe izimo ezimbi ezenzeka kuleli zimphatha kabi.

“Ngithanda ukucela intsha ukuthi ilwe nakho konke lokhu esibhekene nakho okuwukubul­awa kwabesifaz­ane nezingane. Ngicabanga ukuthi njengabant­u abasha kumele sisukume silwe nalokhu kodwa okubalulek­ile kumele sithandaze njengesizw­e sicele umusa kaNkulunku­lu.”

 ??  ?? ABACULI be-kwaito uMsawawa ngesikhath­i eseneminya­ka eyisishiya­galolunye noMzambiya eseneminya­ka engu-14. Laba baculi namanje basayibamb­ile kwezokungc­ebeleka
ABACULI be-kwaito uMsawawa ngesikhath­i eseneminya­ka eyisishiya­galolunye noMzambiya eseneminya­ka engu-14. Laba baculi namanje basayibamb­ile kwezokungc­ebeleka
 ??  ?? DUMI MKOKSTAD
DUMI MKOKSTAD
 ??  ?? SIWE CELE
SIWE CELE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa