IDowns ezinhlelweni zokwelula ekaZwane
IMAMELODI Sundowns isezinhlelweni zokuvuselela inkontileka kaThemba “Mshishi” Zwane ngeminyaka emithathu.
UZwane (27) odabuka eTembisa udlale ingcwenga yebhola ngesizini ka-2016/17 esanda kusongwa.
Lokhu kuholele ekutheni abizelwe kwiBafana Bafana ngesikhathi ibhuquzisa iNigeria ngo 2-0 emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiTotal Caf Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroon ngo-2019. Nakulo mdlalo uMshishi udlale ngokuzimisela. Imenenja yakhe, uJazzman Mahlakgane, itshele Isolezwe ukuthi bahlela ukuthi alule inkontileka yakhe neqembu.
“UMshishi usasalelwe ngunyaka enkontilekeni anayo neSundowns. Njengamanje sisezingxoxweni zokuthi inkontileka yakhe yelulwe ngeminyaka emithathu. Konke kuhamba kahle. Umdlali weneme kwiSundowns,” kusho uMahlakgane.
UZwane oyibamba ngemuva kwabagadli noma ezinhlangothini kubhekwe ukuthi asize iSundowns iqoqe amaphuzu amathathu ngempelasonto uma isidudulana neSaint George yase-Ethiopia e-Addis Ababa Stadium, e-Ethiopia emdlalweni wamaqoqo eCaf Champions League.
ISundowns evikela isicoco seChampions League ihlezi endaweni yesibili ku-log ngamaphuzu amahlanu emidlalweni emine. I-Esperance yaseTunisia iqhwakele ngamaphuzu ayisishiyagalombili ngemuva kwemidlalo efanayo.
“Ngeke sixhamazele ngoba umdlali usanenkontileka neqembu. Asikho isidingo sokutatazela ngoba isikhathi siyavuma,” kusho uMahlakgane.
UZwane ufike kwiSundowns ngo2011. Uke wabolekiswa kwiMpumalanga Black Aces esiyaziwa ngeCape Town City. Kuleli qembu wafika wadlala ibhola elinenkosi phakathi okwaholela ekutheni owayengumqeqeshi weBafana Bafana uClive Barker amfanise nezingwazi zakuleli uDoctor “16V” Khumalo noJohn “Shoes” Moshoeu ongasekho emhlabeni.
KwiSundowns uZwane usenqobe isicoco seligi, Nedbank Cup, Caf Champions League neCaf Super Cup.