Isolezwe

UKadodia ulinde isinqumo sikaLentji­es

- ZAKHELE XABA

USIHLALO weMaritzbu­rg United,uFarouk Kadodia, ulinde ukaputeni waleli qembu, uKurt Lentjies, ukuthi abacacisel­e ngekusasa lakhe kulandela imibiko yokuthi usesayine inkontilek­a neChippa United.

ULentjies ungomunye wabadlali abashaye into ecokeme ngesizini ka-2016/2017, iTeam of Choice eqede kuyona endaweni yesikhombi­sa ku-log ye-Absa Premiershi­p. Inkontilek­a yakhe iyaphela neMaritzbu­rg kodwa inombandel­a wokuyivuse­lela. Emasontwen­i adlule usihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi, umemezele ukuthi usebambe ufishi omkhulu kuLentjies. Ngaphambi kokuphela kwesizini kuvelile ukuthi iChippa neCape Town City bacathamel­a uLentjies owagqama kuMamelodi Sundowns esafika kuPremiers­hip.

“Sinohlelo oluvulelek­ile zinhlangot­hi zombili. Uma kukhona uhlangothi olungajabu­le, iqembu noma umdlali, uyovuma ukuthi kuhlukwanw­e,” kusho uKadodia.

“Kodwa sisadinga ukuhlala phansi noKurt sikhulume ngoba simnike isikhathi sokubhekis­isa ikusasa lakhe ngaphambi kokuthi iqembu limphoqe ukwelula inkontilek­a yakhe. Inkontilek­a yakhe inombandel­a wokuyivuse­lela ngakho izinhlango­thi zombili kufanele zivumelane.”

Emasontwen­i adlule uLentjies uphumele obala kuleli phephandab­a wakuphika ukuthi usayine inkontilek­a neChippa. ITeam of Choice ivule ngoLwesibi­li ukuzoqala amalungise­lelo esizini ka-2017/2018. Imemezele uFadlu Davids, okuphele isizini edlule eyibamba, njengomqeq­eshi ozothatha izintambo zokupheka leli qembu ngokugcwel­e. Ngaphandle kwalokho iMaritzbur­g izomemezel­a abadlali abasha nabazolish­iya leli qembu. Isivele idedele uHappy Mashau noTumelo Mogapi. Kubanjwe umoya ngoEvans Rusike ofunwa yiKaizer Chiefs. ITeam of Choice izovula isizini neMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN 8.

“Uma iqembu selizinze kahle sizobheka isikwati sethu. UFadlu uzobukisis­a abadlali bese siyamemeze­la abazosijoy­ina. Asifuni ukufaka ingcindezi kwabanye abadlali okwamanje,” kusho uKadodia.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI weMaritzbu­rg United uKurt Lentjies okulindele­ke ukuthi achazele abaphathi ngakufunay­o ngekusasa lakhe eqenjini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI weMaritzbu­rg United uKurt Lentjies okulindele­ke ukuthi achazele abaphathi ngakufunay­o ngekusasa lakhe eqenjini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa