Isolezwe

Ufunwa yiqembu laseChina uDikgacoi

- MINENHLE MKHIZE

UFUNWA yiqembu laseChina iShenzhen FC umdlali osezingxox­weni neMamelodi Sundowns uKagisho “KG” Dikgacoi.

U-KG (32) ubuye eNingizimu Afrika ngoJanuwar­i ephuma e-England. Ujoyine iqembu lakhe elidala iLamontvil­le Golden Arrows. Kuleli qembu ufike wahlushwa wukulimala okuholele ekutheni abe nemidlalo emincane.

Inkontilek­a yakhe igcine ingavusele­lwanga kuBafana Bes’thende okuvela ukuthi bebemholel­a itshe lemali.

Isolezwe ngoMgqibel­o libike ngodaba lukaKG uxoxa neSundowns njengoba uPitso “Jingles” Mosimane noManqoba “TV” Mngqithi bemazi ukusuka nokuhlala.

Izolo Isolezwe lihabule izindaba zokuthi ukuthi uKG usethole isicelo eqenjini eligijima eligini yaseChina.

“Kuneqembu laseChina elicijwa nguSven Goran Eriksson elifuna uDikgacoi. Lisanda kuthumela imenenja yakhe i-email liveza intshiseke­lo yokumtheng­a. Njengamanj­e inkinga wukuthi usaxoxa neSundowns njengoba wazi ukuthi uPitso ubemthanda kwiBafana kanti uMngqithi nguyena owamvulela amathuba okuyodlala phesheya kwezilwand­le,” kusho umthombo.

Iligi yaseChina okuthiwa imali ikhiwa ngamafosho­lo, isizakhele igama ngokuheha abadlali abanegama. Phakathi kwabadlali abanohlonz­e abagijima eChina kukhona u-Oscar waseBrazil, Carlos Tevez wase-Argentina noJohn Obi Mikel waseNigeri­a.

U-Eriksson uzakhele igama emaqenjini amakhulu afana noMacheste­r City yase-England, Roma neLazio okungamaqe­mbu ase-Italy, Benfica okuyizinku­nzi zasePortug­al naseqenjin­i lesizwe lase-England.

Lolu qweqwe lomqeqeshi luke lacija ngisho iqembu lesizwe laseIvory Coast.

ULwazi Mazibuko ophethe izindaba zikaDikgac­io uphinde wacela ukungaphaw­uli ngekusasa likaDikgac­oi ngoba inkontilek­a yakhe iphela ngoLwesine ne-Arrows. UDikgacoi ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAGISHO Dikgacoi okuvela ukuthi ufunwa yiqembu laseChina njengoba ezophelelw­a inkontilek­a kwiLamontv­ille Golden Arrows
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAGISHO Dikgacoi okuvela ukuthi ufunwa yiqembu laseChina njengoba ezophelelw­a inkontilek­a kwiLamontv­ille Golden Arrows
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa