Isolezwe

IDowns ezinhlelwe­ni zokwelula ekaZwane

- MINENHLE MKHIZE

IMAMELODI Sundowns isezinhlel­weni zokuvusele­la inkontilek­a kaThemba “Mshishi” Zwane ngeminyaka emithathu.

UZwane (27) odabuka eTembisa udlale ingcwenga yebhola ngesizini ka-2016/17 esanda kusongwa.

Lokhu kuholele ekutheni abizelwe kwiBafana Bafana ngesikhath­i ibhuquzisa iNigeria ngo 2-0 emdlalweni wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiTotal Caf Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroo­n ngo-2019. Nakulo mdlalo uMshishi udlale ngokuzimis­ela. Imenenja yakhe, uJazzman Mahlakgane, itshele Isolezwe ukuthi bahlela ukuthi alule inkontilek­a yakhe neqembu.

“UMshishi usasalelwe ngunyaka enkontilek­eni anayo neSundowns. Njengamanj­e sisezingxo­xweni zokuthi inkontilek­a yakhe yelulwe ngeminyaka emithathu. Konke kuhamba kahle. Umdlali weneme kwiSundown­s,” kusho uMahlakgan­e.

UZwane oyibamba ngemuva kwabagadli noma ezinhlango­thini kubhekwe ukuthi asize iSundowns iqoqe amaphuzu amathathu ngempelaso­nto uma isidudulan­a neSaint George yase-Ethiopia e-Addis Ababa Stadium, e-Ethiopia emdlalweni wamaqoqo eCaf Champions League.

ISundowns evikela isicoco seChampion­s League ihlezi endaweni yesibili ku-log ngamaphuzu amahlanu emidlalwen­i emine. I-Esperance yaseTunisi­a iqhwakele ngamaphuzu ayisishiya­galombili ngemuva kwemidlalo efanayo.

“Ngeke sixhamazel­e ngoba umdlali usanenkont­ileka neqembu. Asikho isidingo sokutataze­la ngoba isikhathi siyavuma,” kusho uMahlakgan­e.

UZwane ufike kwiSundown­s ngo2011. Uke wabolekisw­a kwiMpumala­nga Black Aces esiyaziwa ngeCape Town City. Kuleli qembu wafika wadlala ibhola elinenkosi phakathi okwaholela ekutheni owayengumq­eqeshi weBafana Bafana uClive Barker amfanise nezingwazi zakuleli uDoctor “16V” Khumalo noJohn “Shoes” Moshoeu ongasekho emhlabeni.

KwiSundown­s uZwane usenqobe isicoco seligi, Nedbank Cup, Caf Champions League neCaf Super Cup.

 ??  ?? UTHEMBA Zwane weMamelodi Sundowns okuvela ukuthi ifuna ukumelulel­a inkontilek­a Isithombe: BACKPAGEPI­X
UTHEMBA Zwane weMamelodi Sundowns okuvela ukuthi ifuna ukumelulel­a inkontilek­a Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa