Isolezwe

Kuxwayiswa abazohambe­la owamahhash­i

- BONISWA MOHALE

UKUYA kwiVodacom Durban July (VDJ) akusho ukuthi usebenzise yonke imali onayo, kuthi uma sekudlula impelasont­o yayo uzithole usungenalo nesenti, usuboleka nakubangan­i.

Empeleni kuningi okukhiphis­a imali, okumele ube nakho uma uzoya kule ndumezulu yomcimbi oba seThekwini. Kunalabo abacabanga ngezimpahl­a ezintsha ngaso sonke isikhathi uma kuzoba neVDJ.

USimphiwe Majola weThe Alore Group ebhekelele itende eliphethe osaziwayo kwiVDJ, iJack Daniels Boom Town, uthe abantu kufanele bahlangani­se izimpahla zabo abanazo ngoba asikho isidingo sokuthenga okusha, inqobo nje uma ukwazi ukuhlangan­isa indwangu.

“Asikho isidingo sokuyothen­ga izimpahla ezintsha uma uya kwiJuly ngoba kumele ugqokele umzimba wakho bese uhlanganis­a kahle ukotini. Kumele uhlanganis­e izinto zakho ngobuciko ngoba ungafaka ngisho intambo entanyeni uma ufuna ukuhambisa­na nendikimba ethi The Colour of Magic. Uma uyintokazi ungagqoka ingubo ezokufanel­a, ingaba nemibala eminingi noma enowodwa inqobo nje uma ikufanela. Inhloso yokuya kwiJuly wukujabula, ushuthe nezithombe. Uma ugqokele umzimba wakho, ufake nesicathul­o esingakump­intshi uzojabula, kwazise kwehliwa kwenyuka isicathulo esisha singakufak­a enkingeni ngoba sisuke singakanwe­beki ngokwanele, abanye bagcina beziphethe ngezandla,” kusho uSimphiwe. Uthe miningi imicimbi eba khona, ngabe wenza iphutha uma ungahlale uthenga izimpahla ezintsha ekubeni zikhona oke wazisebenz­isa.

Uphethe ngokuthi kuyasiza ukushiya imoto ekhaya uhambe ngecab ngoba kuba yinkinga ukuthola indawo yokupaka kwiVDJ.

UVista Kalipha wenkampani esebenza nosaziwayo i-On Point PR, uthe enye indlela yokubaleke­la ukumosha imali ngosuku olulodwa ukudlala imincintis­wano.

UVista ongaphuthw­a yiVDJ utshele Isolezwe ukuthi abantu kufanele bafunde amaphephan­daba ngoba kuba nemincinti­swano abangathi uma bewina baphathisw­e okwezitata­nyiswa kwiVDJ.

“Uma ufuna ukuya kwiJuly kodwa ungenayo imali eningi kufanele ungenele imincintis­wano eyenziwa ngamapheph­andaba esebenzisa­na nezinkampa­ni ezihlukahl­ukene. Isolezwe liba nemincinti­swano okuthi uma uyingenele ungene mahhala ematendeni okungenwa kuwo ngoR2000. Uma usungene mahhala uthola ukudla, iziphuzo nokujabula nosaziwayo,” kusho uVista.

Uthe iVDJ wumjaho omkhulukaz­i eNingizimu Afrika ojatshulel­wa yiwo wonke umuntu ngakho abantu akumele bazilambis­e ukuze baye kuwo.

Amathikith­i okungena eGreyville Racecourse abiza u-R220 kanti le mali ayifaki eyokungena ematendeni ngoba nawo anemali yawo eceleni.

UNkk Gill Mostert obhekelele ezokuxhuma­na kwaGold Circle okuyinkamp­ani ephethe iVDJ, uthe kumi ngomumo ngamalungi­selelo alo mjaho namatende asexhunyiw­e.

Uthe kuqashwe abapheki abangu-40 abazopheka ukudla okuhlukahl­ukene okungu-15 000. Kuqashwe oweta abangu-350, kwathengwa obhiya abangu-18 000, amabhodlel­a amanzi angu-25 000, ogologo abangu-2 500, amabhodlel­a ewayini angu-600, amalitha angu100 ejusi, amalitha angu-600 obisi, kuzophakwa amapleti angu-8000 erayisi, u-750kg wenyama yenkukhu, u-150kg wama-prawns, u-300kg we-crayfish, ophaya abangu-5000, ama-burger angu-2000, ama-bread roll angu-7000, izinkomish­i zetiye ezingu-3000 nokunye okuningi.

Lokhu kudla kwenzelwa abantu abazobe besezindaw­eni eziphethwe yiGold Circle akubaliwe okuzobe kudliwa ematendeni.

 ?? Isithombe:FACEBOOK/SIMPHIWEMA­JOLA ?? USIMPHIWE Majola weThe Alore Group uthi abantu akumele badale izikweletu uma beya kwiVodacom Durban July kodwa kumele bagqokele imizimba yabo bahlangani­se izimpahla abanazo
Isithombe:FACEBOOK/SIMPHIWEMA­JOLA USIMPHIWE Majola weThe Alore Group uthi abantu akumele badale izikweletu uma beya kwiVodacom Durban July kodwa kumele bagqokele imizimba yabo bahlangani­se izimpahla abanazo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa