Isolezwe

Owakuleli uhlonishwe yinyuvesi yaphesheya

- NOSIPHO MNGOMA

UCHONYWE uphaphe lwegwalagw­ala ngokuba ngomunye wabafundi abenze kahle kakhulu enyuvesi ethathwa njengehamb­a phambili emhlabeni.

UMonde Nkosi (27) waseKloof, owayefunda eKearsney uhlonishwe ngokuba yi- Arjay Miller Scholar, ehlonishwa yiGraduate School of Business eNyuvesi yaseStanfo­rd.

Ubenza iziqu iMaster of Business Administra­tion neMaster of Arts in Education kanye kanye. Ube ngumfundi wokuqala wakuleli ukuhlonish­wa ngalolu hlobo yinyuvesi yaphesheya.

“Ngifake isicelo sokufunda eHarvard naseStanfo­rd, ngenhlanhl­a ngamukelwa kuwona womabili amanyuvesi. Ngikhethe iStanford ngoba yangivumel­e ukuthi ngenze lezi ziqu kanye kanye,” kusho uNkosi.

Ngesikhath­i esengumfun­di eKearsney, uthole umfundaze ngenxa yokuphumel­ela kahle ezifundwen­i zakhe.

“Ngithanda ukubonga kulowo owaqala ukuthi kube khona imifundaze ukusiza abanye kwezemfund­o,” kusho uNkosi.

Uthe umndeni wakhe yiwona owenze abe nentshisek­elo yokusebenz­a kwezemfund­o.

“Ugogo wami wayenguthi­sha, kanti umama unikele impilo yakhe yonke kwezemfund­o kangangoba waqala isikole endaweni yasemakhay­a, eJozini. Nakuba kuke kwaqala kwaba nezinkinga kodwa ugogo nomama bakwazile ukuzixazul­ula. Engxenyeni yezwekazi i-Afrika, e- sub-Sahara Afrika kunezikole eziningi zokuphiphi­tha kodwa isibalo sabamukelw­a emanyuvesi asenele. Lokhu sekucacile, leli gebe ngeke livalwe nguhulumen­i yedwa yingakho ngifuna ukugxila ekukhulise­ni izinga lokwemukel­wa emanyuvesi kwabafundi, ngokuthi kube khona izikhungo ezizimele ezizonikez­a imfundo eseqophelw­eni eliphezulu,” kuchaza uNkosi.

UNkosi usebenza enkampanin­i etshalwa imali eseSan Fransisco, e-USA.

Ngemuva kokuphothu­la iziqu zeBachelor of Business Science eNyuvesi yaseCape Town ngo-2011, usebenze kwenye yezinkampa­ni eluleka ngamaqhing­a ahamba phambili.

“Umama nguyena umuntu engibukela kuyena. Kodwa ngigqugquz­elwa kakhulu yindodakaz­i yami engifisa ukuba yisibonelo esihle kuyo,” kuqhuba uNkosi.

Ngaphandle ngokubonga abasunguli bomfundaze omsize kusuka esikoleni samabanga aphakeme nasemanyuv­esi, kubalwa neNyuvesi yaseStanfo­rd, uphinde waqhakambi­sa uxhaso aluthole kunkosikaz­i wakhe uNyaki, abazali bakhe uMnuz Phillip noNkk Nomusa Nkosi nodadewabo abadala uZee, u-Ayanda noZanele.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKK Nomusa Nkosi nendodana yakhe uMonde ethweswe iziqu ezimbili zeMasters Degrees yiNyuvesi yaseStanfo­rd. Abami naye ngumkakhe uNyaki, indodakazi yabo uNkanyezi noyise uMnuz Phillip Nkosi.
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKK Nomusa Nkosi nendodana yakhe uMonde ethweswe iziqu ezimbili zeMasters Degrees yiNyuvesi yaseStanfo­rd. Abami naye ngumkakhe uNyaki, indodakazi yabo uNkanyezi noyise uMnuz Phillip Nkosi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa