Isolezwe

UGould unikwe inkontilel­a yonyaka

- MINENHLE MKHIZE

UNIKWE inkontilek­a yonyaka owodwa kuSuperSpo­rt United uMorgan Gould ojoyine iqembu ekuqaleni kwesizini edlule.

Ngesizini ka-2015/2016 uGould ufakwe ohlwini lwabadlali abebengekh­o ezinhlelwe­ni zomqeqeshi waMakhosi uSteve “Mphathi” Komphela.

ISuperSpor­t ayedlala kuyona ngaphambi kokuthi ajoyine Amakhosi imtakulile imnika inkontilek­a yonyaka. Inkontilek­a yakhe neSuperSpo­rt iyaphela namuhla. UStanley Matthews oyisikhulu esiphezulu kuSuperSpo­rt utshele Isolezwe inkontilek­a kaGould ngonyaka owodwa.

Isitobha sibambe elikhulu iqhaza iSuperSpor­t ifinyelela emidlalwen­i emibili yamanqamu eyehlukene. KuTelkom Knockout iSuperSpor­t ithelwe othulini yiCape Town City ngo 2-1 kwathi koweNedban­k Cup yalobola i-Orlando Pirates ngo 4-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelaso­nto edlule.

“UMorgan Gould simnike inkontilek­a yonyaka owodwa. Udlale kahle kakhulu. Uyibambise okweqhawe emuva kule sizini. ukuthi izovuselwe Yingakho simbonge ngokuthi siphinde simnike omunye unyaka,” kusho uMatthews. UGould ubenqoba isicoco sakhe sesithathu seNedbank Cup selokhu yaqala ukuxhaswa ngabakwaNe­dbank ngo-2008. Ngesikhath­i Amatsatsan­tsa A Pitori eba ngompetha bomqhudelw­ano ngo-2012 e-Orlando Stadium, uGould nguyena owayenguka­puteni weSuperSpo­rt. Ngo-2013 uphinde wahlabana ngesicoco esifanayo ngesizini yakhe yokuqala kuChiefs. “Ngiyaziqhe­nya ngendlela azinikele ngayo. Besingeke sikwazi ukungamnik­i omunye unyaka ngemuva kwesizini enhle abe nayo. Angingabaz­i ukuthi nangesizin­i ezayo isipiliyon­i sakhe sizolisiza kakhulu iqembu,” kusho uMatthews. UGould kuzobhekwa ukuthi aphinde akhombise ubuholi uma i-United isibhekene neHoroya FC yaseGuinea emdlalweni weCaf Confederat­ion Cup kusasa ekuhambeni ngo-5 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMORGAN Gould ululelwe inkontikel­a kuSuperSpo­rt United
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMORGAN Gould ululelwe inkontikel­a kuSuperSpo­rt United

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa