Isolezwe

Uthembise umshado kwiVDJ

- S’MANGELE ZUMA

UMANGAZE abaningi umlaleli weGagasi FM ethembisa intombi yakhe yezinyanga ezintathu umshado etendeni lalo msakazo iRed Star emcimbini weVodacom Durban July ngoMgqibel­o.

UMnuz Msizi Mnyandu waseMgungu­ndlovu ukwenze lokhu ngemuva kokunikwa ithuba lokugibela esiteji ngumphathi wohlelo obekunguml­ingisi woZalo uNtokozo Dlamini odlala indawo kaMastermi­nd.

Ungene esiteji ephelezelw­a yintombi yakhe uNksz Thandi Hughes waseShowe kanti uzomjikela sebesestej­i waguqa ngedolo emthembisa umshado.

UNksz Hughes obengalind­ele uvele wahluleka ukuzibamba wahlengeze­la izinyembez­i ngaphambi kokuvumela phezulu.

Ekhuluma neSolezwe uMsizi uthe into abevele eyihlelile nabahleli bomcimbi ekuqaleni kwesonto.

“Ngathumela umqhafazo ngibazisa ukuthi mina nesithandw­a sami sizobe sisetenden­i labo. Ngibacela ukuthi banginike ithuba lokuthi ngithembis­e isithandwa sami umshado kubuka izwe lonke. Benginalo uvalo kodwa ngenxa yokugajwa wuthando ngivele ngaqina isibindi. Sinezinyan­ga ezintathu sithandana kodwa sengibonil­e ukuthi nguyena engifisa ukuphila impilo yami yonke naye,” kusho uMnuz Mnyandu.

UNksz Hughes obesamange­le uthe usadideke ngokumehle­le.

“Bengizitsh­ela ukuthi ngizongceb­eleka nesithandw­a sami kanti singifihle­le induku emqubeni. Ngijabule ngendlela eyisimanga,” kusho uNksz Hughes.

Umculi we-Afro Soul waseSwazin­i uSandziso “Sands” Mathebulo wengoma ethi Tigi uchaze izihlwele ngezingoma zakhe zothando.

 ?? Isithombe: THOKOZANI NDLOVU ?? UCHAZE izihlwele uMnuz Msizi Mnyandu ecela isinqandam­athe sakhe uNksz Thandi Hughes ukuthi simgane ngesikhath­i besetenden­i leGagasi FM
Isithombe: THOKOZANI NDLOVU UCHAZE izihlwele uMnuz Msizi Mnyandu ecela isinqandam­athe sakhe uNksz Thandi Hughes ukuthi simgane ngesikhath­i besetenden­i leGagasi FM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa