Isolezwe

Kugxekwa umsakazi obize uZuma ngomkhovu

- MLUNGISI GUMEDE

UGXEKWE nxazonke ezinkundle­ni zokuxhuman­a umsakazi weLotus FM uRavi Govender ngokudelel­a uMengameli Jacob Zuma wambiza ngomkhovu nangesilwa­ne esingafund­ile ekhasini lakhe kuFacebook.

UGovender osakaza uhlelo i-Vinyl Countdown njalo ngoLwesihl­anu phakathi kuka-7 no-9, kuthiwa ubhale ekhasini lakhe lapho egcwaneke khona uZuma kodwa wabuye wawususa ngokushesh­a umbhalo wakhe.

Ngemuva kokuvulwa kwengqungq­uthela yemigomo ye-ANC, uGovender kuthiwa ubhale kuFacebook ukuthi ‘’ngisanda kuzwa umkhovu uZuma uthula inkulumo ezindabeni, ngisizwile lesi silwane esingafund­ile sibhidilis­ha isingisi, ngisho isilima uMugabe sikhuluma kangcono kunaye’’.

Othukuthel­iswe yilesi senzo ozibiza ngoBejay uthe bazohlela imashi ezolibangi­sa ezindlini zokusakaza kwaLotus FM beyophoqa ukuthi uGovender akhonjwe indlela.

UFanaz uthe amaNdiya kumele ayeke ukulokhu echukuluza abamnyama ngoba lokho kugqugquze­la inzondo endala phakathi kwalezi zinhlanga.

UMnuz Edward Zuma oyindodana kamengamel­i, esitatimen­deni asithumele­le abezindaba usigxekile isenzo sikaGovend­er sokubiza uyise ngomkhovu.

“Ngithathe isinqumo sokuthi ngikhiphe lesi sitatimend­e ngemuva kwemiyalez­o engiyithol­ile evela emndenini, abangani, izihlobo namalungu omphakathi aseNingizi­mu Afrika ngombhalo kaRavi,” kusho u-Edward. U-Edward uthe badumele futhi baphoxekil­e yile nkulumo. “Eminyakeni eminingi edlule umndeni uhlale uhlukumeze­ka ngendlela ubaba adelelwa ngayo abethuli bezinhlelo emisakazwe­ni, izintathel­i, ababhali bezingosi nalabo abadwebayo, banake kwesinye isikhathi baze bafake nezinto ezithinta ucansi ngenhloso yokwehlisa isithunzi sikababa,” usho kanje.

U-Edward uthe isithanda ukubama emphinjeni indaba yokudelelw­a kukayise. Wathembisa ukuthi lolu daba bazolusuku­mela. Okhulumela i-SABC uMnuz Kaizer Kganyago uthe bayazi ngodaba, wengeza ngokuthi ngokwabo lolu daba ludinga ihhovisi labo likandabaz­abantu.

 ?? Isithombe: TWITTER/MYANC ?? UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula uthi bazosebenz­isana nomakadebo­na be-ANC ukuhlunga abaholi abazoba kwi-Top 6 lapha uthathwe noMnuz Zizi Kodwa esithangam­ini sabezindab­a ebesiseNas­rec eGoli
Isithombe: TWITTER/MYANC UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula uthi bazosebenz­isana nomakadebo­na be-ANC ukuhlunga abaholi abazoba kwi-Top 6 lapha uthathwe noMnuz Zizi Kodwa esithangam­ini sabezindab­a ebesiseNas­rec eGoli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa