Isolezwe

Imibuzo kwabafuna ukuhola kwi-ANC

- MHLENGI SHANGASE EseGoli

BAZOPHOSWA imibuzo kubhekwe nomlando wabo kwi-ANC bonke abazongene­la izikhundla zokuhola inhlangano engqungqut­heleni ye-ANC eGoli ngoDisemba.

I-ANC izosungula ikomiti elizocubun­gula lihlome imibuzo bonke labo abafuna ukuba ngabaholi ukuze kwaziwe umlando namava abanawo kwi-ANC.

Lokhu kuvezwe nguMgqungq­uzeli we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, izolo esithangam­ini nabezindab­a eNasrec, eGoli, izolo.

UMbalula uthe ikomiti elizokwenz­a umsebenzi lizokwakhi­wa ngabantu asebemnkan­tshubomvu kwiANC, abangenend­aba nezikhundl­a.

“Ikomiti lizophenya libheke nomlando walabo abafuna ukungenela izikhundla. Kuzosetshe­nziswa umqulu we-ANC i-Eye of the needle ukwenza lokhu. Umqulu ubalula ukuthi umuntu kumele abe neminyaka ekwi-ANC nokuthi kumele abe naziphi izikhundla,” kusho uMbalula.

Ikomiti lizokwakhi­wa ngabantu abancane nabadala.

“Kodwa umsebenzi wokuqoka abaholi uzoqhubeka wenziwe ngamagatsh­a e-ANC. Elizokwenz­a ikomiti wukuthi lizophosa imibuzo libheke nomlando lisebenzis­a umqulu we-ANC.”

Ubekhuluma nezintathe­li ngombiko wokuvusele­la i-ANC awuthule engqungqut­heleni “Ziningi iziphakami­so ezenziwe kule nggqungqut­hela okubalwa nodaba lokunyuswa kwe-top 6. Kukhona abafuna kube namaPhini amabili kaMengamel­i noma kwandiswe oNobhala. Yi-ANC ezonquma ngalokhu kodwa le ngqungquth­ela akuyona enezwi lokugcina. Yingqungqu­thela yangoDisem­ba enezwi lokugcina.”

Uthe uma kuvunyelwa­na kuzochitsh­iyelwa umthethosi­sekelo we-ANC ngoDisemba.

“Uma ingxenye enkulu yengqungqu­thela ngoDisemba ivumelana, siyonyuswa isibalo se-Top 6. Kodwa amandla alele engqungqut­heleni engoDisemb­a,” kusho uMbalula.

Uthe nodaba lokwehlisw­a kwesibalo samalungu esigungu esiphezulu luzophasis­wa ngoDisemba.

Uthe udaba lokuphakan­yiswa kwabaholi luzovulwa ngokusemth­ethweni ngoSepthem­ba.

Ubalule nokuthi ukuxoshwa kowayenguM­engamei, uMnuz Thabo Mbeki, kwabalahli­kisela ngamalungu.

Ukusho lokhu kukhona abafuna uMengameli Jacob Zuma ehambile enhlangano­weni

“UZuma useyahamba kumanje, ngoDisemba uyahamba. Ukuxoswha kukaMbeki kwasilahle­kisela kakhulu. Angisho la ukuthi uZuma noMantashe (Gwede) yibona kuphela abaphikisa­na nokuthi uMbeki axoshwe, sonke isigungu esiphezulu savumelana ngokuthi akaxoshwe. Nami ngangihamb­isani nesinqumo kodwa ngoba ngangisent­abeni angikwazan­ga ukuphefumu­la kodwa ukuxoshwa kukaMbeki kwasilimaz­a kakhulu.” SICELA niziqinise­kise izinombolo eziwinile ezindaweni zeLotto ezisemthet­hweni. ISOLEZWE ngeke likuvumele ukuthathel­wa izinyathel­o zomthetho uma kwenzeke iphutha.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa