Ulibofuzo luvune uManyisa kwelengane
UKAPUTENI we-Orlando Pirates, u-Oupa “Ace” Manyisa, unekele izwe imiphumela yolibofuzo yengane obekuthiwa ngeyakhe.
Ngo-2015 uThato Makgaka owayethandana noManyisa wathola ingane yomfana. Ngemuva kwalokho wayiqamba ngo-Oupa Jnr okuyigama likaManyisa.
UManyisa waphika ukuthi ingane ngeyakhe okugcine kuphoqe ukuthi kwenziwe ulibofuzo ukuze kutholakale ukuthi ngubani uyise wengane. Njengamanje uManyisa ushade noJohanna Louw.
Izolo uManyisa ufake imiphumela yolibufuzo ekhasini lakhe lika-Instagram. Imiphumela ibiphelezelwa ngumbhalo oshubile ofundeka kanje: “Yize imiphumela yolibufuzo isho okunye kodwa isithunzi sidicileleke phansi ngezinsolo ezingelona iqiniso. Le nto iphazamisa umndeni wami. Yingakho ngifuna ukuyicacisa le nto. Ngeminye iminingwane kungathintwa ummeli wami uJohn Wilson.”
Umphumela oqinisekisa ukuthi uManyisa akasiyena ubaba wengane ufundeka kanje: “U-Oupa Matthews Manyisa akahlangani nokuba ngubaba wengane kaThato Makgaka, uKganya Oupa Junior Keagan kulandela imiphumela yolibofuzo.”
Kwenzeka lokhu nje uManyisa izinto kazimhambeli kahle enkundleni. Kuvela ukuthi kungenzeka aphucwe ibhande lokuba ngukaputeni weqembu.
Ngesizini edlule iPirates ishaye udaka. Iqede isizini engazange iwine lutho.
Kowokugcina wesizini ithelwe ngehlazo lika 4-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngemuva kombhalo kaManyisa ku-Instagram baningi abaphawulile. UBongani5047 uthe: “Mxm Abantu besifazane bayakwazi ukuqeda ngekusasa lakho ikakhulukazi laba okuthiwa ngama-yellow bone.” USethunya_Papadie uthe: “Dam! Askies mfoywethu. UNhlanhla Mdletshe naye uzwelane noManyisa.
“Uxole mfowethu. Umbuzo omkhulu ngothi bangaki abesilisa abanikwa izingane okungezona ezabo kodwa abangenayo imali yokwenza ulibofuzo ukuze bathole iqiniso? Impilo ayinalo iqiniso.”
Imizamo yokuthola ummeli kaManyisa igcine ingaphumelelanga. Owesifazane obambe ucingo ukhale ngokuthi akasasebenzi naye futhi izinombolo zakhe ezintsha akanazo.
Akuqondakali ukuthi lezi zindaba zizoba namthelela muni ohlelweni lwezintombi namakhosikazi ebhola olubizwa nge-Diski Divas uThato akhona kulo futhi uzibiza ngonina wengane ka-Oupa Manyisa.
Imizamo yokuthola abakhulumena iMzansi Magic ayiphumelelanga njengoba uNksz Nondumiso Mabece, obhekelele ezokuxhumana, ecele ukuthunyelelwa imibuzo nge-sms wathembisa ukuthi uzophendula kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engabuyelanga entathelini.