Isolezwe

Ubulawe kuphangwa ushisanyam­a womfowabo

- BONISWA MOHALE

USHAQEKILE umphakathi waseSikhal­eni obekuthiwa kuseSikhaw­ini kudala, eNyakatho yeKwaZulu-Natal ngokudutsh­ulwa komfowabo womnikazi kashisanya­ma odumile kule ndawo, obizwa ngokuthi yiKwaNembu­la ezintatha zayizolo.

Umthombo weSolezwe uveze ukuthi kufike amadoda amane ehamba ngemoto ehlome ngezinhlok­ohlela zezibhamu alalisa wonke umuntu phansi efuna imali.

Amabili kuthiwa asale emotweni kwase kungena amabili ngaphakath­i.

Uthe kuyaqala ukwenzeka into efana nalena KwaNembula ngoba yindawo okujatshul­wa kuyona kudliwe nenyama abantu bazihambel­e uma sebenele.

UCaptain Nqobile Gwala wamaphoyis­a aKwaZulu-Natal uthe kuvulwe icala lokubulala emuva kokuthi indoda (53) idutshulwe yashona ngamadoda amabili angaziwa.

Uthe la madoda agasele kule ndawo ngabo-2.30 ekuseni athatha isamba semali esingadalu­lwanga.

Unxuse noma ngubani ongaba neminining­wane ngalesi sigameko ukuthi athinte amaphoyisa aseduze nayo noma afonele i-Crime Stop ku-08600 10111.

Umnikazi wale ndawo uMnuz Sipho Nembula othe akakwazi ukukhuluma ngoba unabantu lapho ekhona, usiqinisek­isile isigameko wathi kubulawe umfowabo uSbusiso.

Uthe ababazi abafana akade bebabamba inkunzi ngoba nabasebenz­i abababonan­ga kahle.

Uveze ukuthi umfowabo ubesebenza KwaNembula wase ecela noma ngubani onolwazi ukuthi athinte amaphoyisa ukuze kutholakal­e izigebengu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa