Uvalo ngemali eqoqwayo eGlebe
SEKUNENGEBHE ngokuqoqwa kwemali nokusatshiswa kwabantu okuthiwa kuqale phansi ehostela laseMlaza iGlebelands.
Isishoshovu esilwa nodlame uNksz Vanessa Burger sithe sithole umbiko kubahlali bakuleliya hostela abakhathazekile ngokuthi sekuqale phansi ukuqoqwa kwemali.
Uthe kuqoqwa imali engu-R50 kumuntu ngamunye okukholakala ukuthi igcine ifinyelele ku-R100 000.
“Abahlali bangitshele ukuthi bakhathazeke kakhulu ngokuqoqwa kwemali. Ngokujwayelekile, ukuqoqwa kwemali kuvame ukuphetha ngokuthi kubulawe abantu. Yingakho abahlali bekhathazekile,” kusho uNksz Burger.
Omunye wabahlali bakuleliya hostela ongathandanga ukuthi igama lakhe lidalulwe ukuqinisekisile ukuthi kunemali ebiqoqwa ehostela.
Uthe sebelindele ukuthi kungenzeka noma yini ngoba phambilini bekuvame ukuthi kube khona abahlaselwayo uma kuqoqwe imali. Uthe imali kuyaye kuthiwe iqoqelwa ukukhokhela abasuke beboshiwe ibheyili kodwa kugcine kukhona abahlaselwayo.
UNksz Burger uthe uphinde wathola ukuthi kunabasabisa abanye abahlali ngokuthi kungenzeka kube khona abantu abahlaselwayo namuhla.
Lokhu kwenzeka emuva kokuthi kuvele enkantolo uMnuz Mawethu Maquthu osolwa ngokuhlasela indodana yekhansela laseMlaza uMnuz Nsindiso “Nsi” Nyawose okuyilapho okubulawe khona umngani wakhe uMnuz Msizi Makhoba.
Kuthiwa abanye balaba abasabisa abantu bebeyingxenye yemashi ebikhona ekuqaleni kwesonto elidlule.
UNksz Burger uthe ubhalele umnyango wezokuPhepha ongaphansi kwaNgqongqoshe uMnuz Mxolisi Kaunda ebabikela ngalesi simo.
Uthe ucele ukuthi kwandiswe amaphoyisa angaphandle kwaseMlaza bese kubuyiswa naweNational Intervention Unit (NIU) okuthiwa kube nomehluko ngesikhathi ekhona. Ngokusho kwakhe akakatholi mpendulo evela kulo mnyango.
Ukhale ngokuthi amaphoyisa aseMlaza awathembekile ukuthi enze umsebenzi wokuqapha ukuthula kuleliya hostela. Wenze isibonelo ngelinye athe beliphelezela abebemasha obekukhona kubo abekhuluma ngokukhululeka ngokubandakanyeka ezigamekweni zokubulala. Okhulumela uMnyango wezokuPhepha uMnuz Kwanele Ncalane uthe batholile ngokuthi kukhona abazama ukuphazamisa ukuthula.
“Sizwile ukuthi ngenxa yomsebenzi omuhle owenziwe amaphoyisa wokubopha abantu abathinteka ezigamekweni zaseGlebelands sekube khona iqeqebana elizama ukuphazamisa ukuthula.
“Laba abantu abasondelene noma abazwelana nababoshiwe,” kusho uNcalane.
Uthe umyalelo kaKaunda uthi ngeke bakuvumele ukuthi babuyiselwe emuva emsebenzini asebewenzile eGlebelands.
Labo abayingxenye yokuphehla udweshu kufanele bazi ukuthi bazolandelelwa. Uthe amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha isimo.