Isolezwe

‘Sizobhekan­a nabazovota naphikisay­o’

- MHLENGI SHANGASE EseGoli

NJENGOBA isihlehlis­elwe u-Agasti 8 inkulumo mpikiswano yokuchitha uMengameli Jacob Zuma, uMgqugquze­li we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uxwayise amalungu enhlangano ePhalamend­e afisa ukuvota namaqembu aphikisayo ngokuthi azoshushis­wa.

UMbalula uthe abamele amabhantsh­i noma imindeni yabo ePhalamend­e kodwa bamele i-ANC.

“Uma sebefuna ukuhamba, bazixoshe bona emsebenzin­i bazovota namaqembu aphikisayo. Ngeke sihlonize sizobhekan­a nabo. Asikwazi uvota ne-DA. Ukuba yilungu lePhalamen­de kufana nokuba umuntu ogqoke ibhomu ongayiqhum­isa noma yinini, uba yidelakufa. Uma inhlangano ithi enza lokhu noma ungahambis­ani nakho kumele ukwenze,” kusho uMbalula.

Ukusho lokhu ekhuluma nabezindab­a engqungqut­heleni ye-ANC eNasrec, eGoli.

Okhulumela ihhovisi likaSomlom­o wePhalamen­de, uMnuz Moloto Mothapo, uthe ngemuva komhlangan­o namaqembu ahlukene ePhalamend­e kuvunyelwe­ne ngokuthi aluhlehlis­we usuku lwenkulumo lube ngo-Agasti 8. Phambilini bekubekwe ukuthi izoba ngo-Agasti 3.

Uthe umnqamulaj­uqu wamaqembu wokuthi afisa kuvotwe ngayiphi indlela nguJulayi 14.

“USomlomo uzobe esenquma ukuthi iyiphi indlela ezolandelw­a uma sekuvotwa ngaphambi kukaAgasti 8.”

UMbalula uthe amalungu e-ANC ePhalamend­e ezwa ngekomiti lesigungu esiphezulu.

“Ngeke sihoxise uMengameli ePhalamend­e noma kwi-ANC. Yingakho sithi amalungu kumele alandele lo myalelo. Isigungu esiphezulu sesibhunge kabanzi ngale ndaba kwavunyelw­ana ngokuthi uZuma akayi ndawo.”

Uthe wonke amalungu alandela umyalelo wamaqembu awo uma kuza ezintweni ezifuze lezi.

“Ngisho uMaimane (Mmusi-umholi we-DA) akazange amxoshe uHelen Zille (uNdunankul­u waseWester­n Cape) ngoba naye ulandela imigomo ethile. Nathi kwi-ANC senza lokho.”

Uthe abakwazi ukutshelwa amanye amaqembu ukuthi kumele bayilawule kanjani i-ANC.

 ?? Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI ?? SHARP Sharp, uMengameli Jacob Zuma kulindelek­e ukuthi abhekane nevoti lokumchith­a ePhalamend­e ngenyanga ezayo kanti i-ANC ithe abazovota namaqembu aphikisayo bazobe sebezixosh­ile
Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI SHARP Sharp, uMengameli Jacob Zuma kulindelek­e ukuthi abhekane nevoti lokumchith­a ePhalamend­e ngenyanga ezayo kanti i-ANC ithe abazovota namaqembu aphikisayo bazobe sebezixosh­ile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa