Isolezwe

Bathuthuki­sa osomabhizi­nisi abancane

- MHLENGI SHANGASE EseGoli

UNGQONGQOS­HE wezamabhiz­inisi amancane, uNkk Lindiwe Zulu, uthi into eseqhulwin­i emnyangwen­i wakhe wukukhulis­a osomabhizi­nisi abancane nabasafufu­sa.

Ukusho lokhu izolo kwindlakus­asa engqungqut­heleni yenqubomgo­mo ye-ANC eNasrec, eGoli.

Uthe kubaluleki­le ukuthi amabhizini­si amancane athuthuke.

“Kumele amabhizini­si amancane athuthuke agcine emakhulu ikakhulu awosomabhi­nisi abamnyama. Yinto eseqhulwin­i le engeke sisuse amehlo ethu kuyo,” kusho uNkk Zulu.

Uthe labo abangafuni ukuthuthuk­a kumele bacabangis­ise kahle ngoba inhloso kahulumeni wukuthi bakhule bafane namanye amabhizini­si.

“Umnyango ubaluleke kakhulu ngoba selokhu wasungulwa baningi abantu abasizakal­ayo. Wasungulwa eminyakeni emithathu edlule ukuze ubhekane ngqo nenkinga yosomabhiz­inisi. Phambilini osomabhizi­nisi bebefakwe ngaphansi komnyango wezohwebo obekwenza bangatholi ukunakwa nosizo olufanele,” kuqhuba uNkk Zulu.

Ubonge uDkt Zweli Mkhize, onguMgcini­mafa we-ANC ngokuthi ngomunye wabantu abameseka kusungulwa umnyango. “Wanginika umqulu engisenawo namanje owawuvela kwiNafcoc eyayikhala ngokuthi kubaluleki­le ukuthi kube nomnyango ofuze lo ukuze basizakale. Besikhona isidingo somnyango ngoba nosomabhiz­inisi babekhalil­e yingakho kumele bawusebenz­ise ngendlela.”

Uthe enye inhloso yomnyango wukuqinise­kisa ukuthi uhulumeni uyasebenzi­sana nezinye izinhlaka okubalwa kuzo omasipala.

“Akukho ukusebenzi­sana nokubambis­ana phakathi kweminxa emithathu kahulumeni. Umsebenzi womnyango wukuqinise­kisa ukuthi kuba nokusebenz­isana kule minxa ukuze kusizakale labo abadinga usizo.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa