Kuhlaselwe umuzi wacekelwa phansi
ISINGENELE kwesinye isigaba impi yemindeni esidlule nemiphefumulo kwaDabhasi, kwaNongoma, emuva kokuhlaselwa komuzi wakwaMahlinza wacekelwa phansi ngoMgqibelo.
Ilungu lomndeni wakwaMahlinza elikhulume neSolezwe kodwa lacela ukuthi lingadalulwa ngoba lizibona lingaphephile, lithe bekungekho muntu ekhaya ngesikhathi kuhlaselwa. Bona basekubhaceni.
“Sisola ukuthi abahlaseli bafike ngoMgqibelo ebusuku ngoba thina size sabona izolo (NgeSonto) ukuthi umuzi ucekeleke phansi,” lisho kanje.
Lithe sibi isimo njengoba sebelala ezintabeni ngenxa yokwesaba ukuhlaselwa.
“Ukube besikhona ekhaya ngesikhathi kuhlaselwa mhlawumbe ngabe kukhulunywa ukuthi sibulewe. Sinxusa izikhulu zezokuPhepha esifundazweni ukuba zingenelele,” lisho kanje.
Lithe sekungokwesibili manje kuhlaselwa ekhaya labo. NgoAgasti nyakenye kwahlaselwa kwabulawa uyise, uMnuz Bhekuyise Mahlinza.
“Sikhuluma nje obhuti balapha ekhaya ababili baboshiwe basolwa ngecala lokubulawa kwabantu abadutshulwa besetekisini.”.
Iyisithupha imindeni elwayo, owakwaMahlinza, Ntombela nawakwaNdwandwe. Le mindeni kuthiwa iyasizana ukulwa nowakwaManqele, Nkosi nowakwaMnguni.
Ngokuthola kweSolezwe impi ihamba ifake namatekisi njengoba eminye imindeni elwayo inamatekisi asebenza kusosesheni wendawo.
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, kade ehlangene nezikhulu zikasosesheni wamatekisi kwaNongoma lapho kusayinwe khona isivumelwano sokuzibophezela oxolweni.
Ethintwa izolo okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mluleki Mtungwa, uthe amaphoyisa aKwaNongoma amatasa aqoqa ubufakazi ngokwenzekile.