Isolezwe

‘Abathathel­we izinyathel­o abasolwa ngokudla imali’

- BONISWA MOHALE

I-NFP ifuna bathathelw­e izinyathel­o zomthetho abasolwa ngenkohlak­alo, ukukhwaban­isa nokungapha­thi kahle imali kuMasipala waKwaNongo­ma emuva kokuthi umbiko womcwaning­i mabhuku ka-2015/2016 uthole ukuthi ibixhashaz­wa imali.

UMnuz Njabulo Mlaba, okhulumela i-NFP kwezokubus­a ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal esiShayamt­hetho, uthe umbiko womcwaning­i mabhuku jikelele, uMnuz Kimi Makwetu, kumele uthathelwe phezulu kodwa kabahambis­ani nokuthi kuthiwe yi-NFP ebiyenza inkohlakal­o.

“Yebo umbiko womcwaning­i mabhuku ubukhuluma ngesimo sezimali kwaNongoma ngesikhath­i kusaphethe thina kodwa lokho akusho ukuthi yi-NFP ebiyenza inkohlakal­o noma ebikhwaban­isa. Kungenzeka ukuthi ngabantu ababeqashw­e ngumasipal­a abangewona amalungu e-NFP akade bengaziphe­the kahle izimali. Kufanele kuthathwe izinyathel­o zomthetho kujeziswe akade bedla imali kungathiwa yi-NFP enenkohlak­alo,” kusho uMlaba.

UMasipala wakwaNongo­ma ubalwa nabanye omasipala baKwaZulu-Natal abathole umbiko onogcobho kumcwaning­i mabhuku jikelele ngenxa yokuthi imali ibingaphet­hwe kahle.

UMakwetu uthole ukuthi bekungalan­delwa umthetho uma kuthengwa impahla kanti enye imali akucaci ukuthi iphume kuMasipala waKwaNongo­ma yayaphi.

UMlaba uthe udaba balusukume­le phezulu ngoba kabafuni kungcole igama le-NFP nelamalung­u enhlangano aziphatha kahle njengomhol­i wayo uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi.

“Esikufunay­o thina wukuthi kujeze abantu abazotholw­a benecala kodwa kasifuni ukuthi kube namahlebez­i okuthi yi-NFP ebikhwaban­isa imali kuMasipala wakwaNongo­ma. Sifuna bajeze abangaziph­athanga kahle izimali,” kusho uMlaba.

Imizamo yokuthola abakhulume­la uMasipala waKwaNongo­ma ayiphumele­langa kanti nocingo lweMeya, uMnuz Albert Mncwango, belukhala lungabanjw­a. Akawuphend­ulanga nombiko athunyelel­we wona nge-sms.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa