‘Abathathelwe izinyathelo abasolwa ngokudla imali’
I-NFP ifuna bathathelwe izinyathelo zomthetho abasolwa ngenkohlakalo, ukukhwabanisa nokungaphathi kahle imali kuMasipala waKwaNongoma emuva kokuthi umbiko womcwaningi mabhuku ka-2015/2016 uthole ukuthi ibixhashazwa imali.
UMnuz Njabulo Mlaba, okhulumela i-NFP kwezokubusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal esiShayamthetho, uthe umbiko womcwaningi mabhuku jikelele, uMnuz Kimi Makwetu, kumele uthathelwe phezulu kodwa kabahambisani nokuthi kuthiwe yi-NFP ebiyenza inkohlakalo.
“Yebo umbiko womcwaningi mabhuku ubukhuluma ngesimo sezimali kwaNongoma ngesikhathi kusaphethe thina kodwa lokho akusho ukuthi yi-NFP ebiyenza inkohlakalo noma ebikhwabanisa. Kungenzeka ukuthi ngabantu ababeqashwe ngumasipala abangewona amalungu e-NFP akade bengaziphethe kahle izimali. Kufanele kuthathwe izinyathelo zomthetho kujeziswe akade bedla imali kungathiwa yi-NFP enenkohlakalo,” kusho uMlaba.
UMasipala wakwaNongoma ubalwa nabanye omasipala baKwaZulu-Natal abathole umbiko onogcobho kumcwaningi mabhuku jikelele ngenxa yokuthi imali ibingaphethwe kahle.
UMakwetu uthole ukuthi bekungalandelwa umthetho uma kuthengwa impahla kanti enye imali akucaci ukuthi iphume kuMasipala waKwaNongoma yayaphi.
UMlaba uthe udaba balusukumele phezulu ngoba kabafuni kungcole igama le-NFP nelamalungu enhlangano aziphatha kahle njengomholi wayo uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi.
“Esikufunayo thina wukuthi kujeze abantu abazotholwa benecala kodwa kasifuni ukuthi kube namahlebezi okuthi yi-NFP ebikhwabanisa imali kuMasipala wakwaNongoma. Sifuna bajeze abangaziphathanga kahle izimali,” kusho uMlaba.
Imizamo yokuthola abakhulumela uMasipala waKwaNongoma ayiphumelelanga kanti nocingo lweMeya, uMnuz Albert Mncwango, belukhala lungabanjwa. Akawuphendulanga nombiko athunyelelwe wona nge-sms.