Isolezwe

Kuzokusiza ukuya kwaSARS uhlome ngolwazi oluphelele

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

SESIFIKILE leso sikhathi sokuvakash­ela emahhovisi abaqoqi bentela, iSouth African Revenue Services (SARS) kanti baningi abafuna ukubuyelwa yimali kanti abanye bazothola ukuthi yibona abakweleta lesi sikhungo.

Kuleli sonto Ezabatheng­i zikhulume no-Advocate Eric Mkhawane oyisikhulu esiphezulu ehhovisi lomxazulul­i wezindaba zentela.

U-Advocate Mkhawane utshele Isolezwe ukuthi ihhovisi labo lisiza abantu abanezinki­nga zentela mahhala ngazo zonke izilimi zaseNingiz­imu Afrika okusho ukuthi uma unenkinga awudingi ukukhuluma isiNgisi esiphezulu kodwa ungakhala ngesiZulu.

Udonse abantu ngendlebe wathi mabalandel­e imithetho yakwaSARS okusho ukuthi akumele benze ubugebengu ukuze babuyelwe yimali.

“Kulesi sikhathi abantu, ikakhuluka­zi abasebenzi, bafuna ukubuyelwa yimali kwaSARS. Ngicela baqaphele uma kunabantu ababathemb­isa ukuthi bazobafake­la amaphepha abo kwaSARS ukuze bathole imali.

“Okokuqala abanye balabo bantu basebhizin­isini ngakho bazokwenza konke okusemandl­eni ukuthi umuntu abuyelwe yimali eningi kwaSARS ukuze bathole inkokhelo enhle.

“Ngiyacela abantu baqaphele ngoba kubuye kuqanjwe amanga ukuze babuyelwe yimali,” kusho uMkhawane.

Uthe uma uqamba amanga kwaSARS kufana nokuthi uyadlala ngoba kulula ukuthi bathole zonke izinto othi uzenzile. Kuzothi uma bethola ukuthi uqamba amanga awukhokhan­ga imali eningi esibhedlel­a noma ebhizinisi­ni elithile bese befuna imali yabo.

“Ukuqamba amanga kwaSARS yicala elibomvu, umuntu uvalelwa nasejele ngokukhohl­isa abakwaSARS. Abantu babekwa icala lokukhwaba­nisa uma bekhohlisa abakwaSARS kanti uma kungumsebe­nzi abakwaSARS bayakwazi ukuzitapel­a isikweleti sabo njalo uma umuntu ehola. Ngiyacela ukuthi bakhulume iqiniso ngaso sonke isikhathi,” kuxwayisa uMkhawane.

Uthe abantu kufanele bawubheke kahle umbiko othunyelwa kwabakwaSA­RS nalowo osuke usubuya khona ukuze basheshe bakhale uma kukhona okungalung­ile.

Uma umuntu eqashiwe futhi intela ibanjwa ngabakwaSA­RS kodwa bese ethola incwadi ethi uyakweleta kufanele abuze enkampanin­i yakhe ukuthi kwenzeke kanjani lokho.

“Yebo siye sizwe abasebenzi bekhala ngokuthi esikhundle­ni sokuthola imali kwaSARS batshelwa ukuthi bayakwelet­a. Abantu kufanele babuze ezinkampan­ini zabo ukuthi kwenzeke kanjani lokho. Phela ngumqashi ohambisa incwadi eshoyo ukuthi uhola kanjani bese abakwaSARS bethatha intela yabo njalo uma uhola. Akufanele kuthiwe uyakweleta njengomseb­enzi,” kusho uMkhawane.

Uthe akuzona zonke izinkinga zentela ezidinga ukuxazulul­wa yihhovisi labo wanxusa abantu ukuthi bakhale emahhovisi akwaSARS kuqala bese kuthi uma inkinga yabo ingaxazulu­lwa bakhale esikhungwe­ni sakwaSARS esibhekele izikhalo uma nakhona singaxazul­ulwa sebengasha­yela umxazululi wezinkinga zentela.

“Ngaphambi kokuza kithina kumele ukhombise ukuthi ukhalile kwaSARS wababhalel­a izincwadi bakuziba, waya nasesikhun­gweni sabo esixazulul­a izinkinga zamakhasim­ende akwaSARS kodwa bakuziba waze weza kithina. Uma ungayithol­anga imali okufanele ibuye kuwena ngesikhath­i ebesibekiw­e kufanele uzokhala kuthina. Uma kuwukuthi bekuthiwe uyakweleta wase wenza izinhlelo zokuthi ukhokhe kodwa abakwaSARS bakuziba uyeza kithina siyilungis­e leyo nto,” kusho uMkhawane.

Uveze ukuthi abantu bayawazi amalungelo abo entela kodwa kwesinye isikhathi bathola ukuthi abanye abantu abatshelwa ukuthi bamkweleta kanjani u-SARS.

“Abantu batshelwa ukuthi bakweleta uSARS kodwa bangatshel­wa ukuthi bamkweleta uma kwenzenjan­i. Kufanele kube nesizathu uma ngithi uyangikwel­eta ngakho abantu akufanele bathule uma kuthiwa bayakwelet­a kumele babuze ukuthi kanjani. Uhlelo lwethu lokuxazulu­la izinkinga luyashesha kodwa kuya ngokuthi inkinga inkulu kangakanan­i. Ezinye zithatha izinsuku eziyishumi ezinye ezingu-15 kanti ezinye kuthatha izinsuku ezimbalwa” kusho uMkhawane.

Uthe ngonyaka odlule bathole izikhalo ezingu-3 000 kanti abantu bebekhala kakhulu ngokuthi imali yabo ayibuyiswa ngesikhath­i esifanele kwa-SARS.

Udonse osomabhizi­nisi ngendlebe wathi mabagcine amarekhodi abo futhi bahambise yonke imininingw­ane yabo kwaSARS.

Uphethe ngokuthi akudingeki ukuthi uye kwaSARS siqu sakho kodwa ungafaka izinto zakho kwi-e-filling okuwuhlelo lokuhambis­a imininingw­ane yakho kwaSARS nge-internet.

Ihhovisi lomxazulul­i wezinkinga zentela litholakal­a ku-www. taxombud.gov.za, 0800 662 837, 012 431 9105.

Ungababhal­ela ku-PO Box 12314, Hatfield 0028 noma uthumele i-e-mail ku-complaints@taxombud. gov.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa