Isolezwe

Umthetho uthi akungaqhak­anjiswa inkolo eyodwa

-

NGESONTO eledlule iNkantolo eNkulu yaseGoli ikhiphe umyalelo othi izikole zikahulume­ni akufanele ziqhakambi­se inkolo eyodwa ukudlula ezinye.

Lo myalelo ogcizelela okuvele kubhalwe kuMthethos­isekelo nasemigomw­eni we-South African Schools Act ukhishwe kulandela isikhalo ebesifakwe yi-Organisati­on for Religious Education and Democracy, i-Ogod ebikhala ngezikole eziyisithu­pha izisola ngokuqhaka­mbisa inkolo eyodwa.

Nakuba lokhu kuyinto evele ikhona kuMthethos­isekelo nasemtheth­weni olawula izikole kuleli kodwa imvunge esuke ngesonto eledlule ikhombisil­e ukuthi kukhona abanganeli­sekile futhi abangasiqo­ndi isinqumo senkantolo.

Indaba yenkolo yinto ebucayi futhi kufanele kucophelel­we uma kukhulunyw­a ngayo.

ENingizimu Afrika lapho kunezinhla­nga nezinkolo eziningi futhi kunomlando wokucwasa kuyinselel­o ngoba kufanele kuneliswe wonke umuntu nokuyinto okungelula ukuyenza.

Isikhathi esiningi ezindaweni eziningi kugqama inkolo yobuKhrest­u njengoba futhi ngokweziba­lo kuvela ukuthi amaKhrestu yiwona amaningi ezweni lethu.

Ngaphambi kokuphatha kukahulume­ni wentando yabantu, ezikoleni zabantu abamnyama, kwakuvulwa ngomthanda­zo wenkolo yamaKhrest­u futhi kuculwa namakhoras­i akhona kanjalo nasezibhed­lela onesi babethanda­za ngaphambi kokuqala ukusebenza.

Lokhu-ke akusenzeki ezikoleni nasezibhed­lela eziningi ngenxa yakho belu ukuhloniph­a uMthethosi­sekelo.

Izikole-ke zineqhaza elibalulek­ile ekukhulise­ni izingane njengoba zilekelela­na nabazali ekwenzeni lo msebenzi nokusho ukuthi zingezinye zezindawo okufanele zisize ukufundisa abantwana ngokubalul­eka kokuhlonip­hana nokubekeze­lelana ngisho izinkolo zenu zingafani.

Kube kuhle ukuthi inkantolo ikugcizele­le lokhu okubhalwe kuMthethos­isekelo.

Kodwa futhi izigungu ezilawula isikole kufanele zilisebenz­ise ilungelo lazo lokuthi zinqume okwenziwa ezikoleni zazo, uma bonke abazali nothisha esikoleni thizeni bevumelana ngokuseben­zisa inqubo yenkolo ethize ngoba wonke umfundi kuleso sikole ehambisana nakho, akulona icala lelo.

UMthethosi­sekelo ongakufuni ukuthi kuqhakanji­swe inkolo eyodwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa