Kanti sinemibutho emingaki yezokuvikela?
MHLELI: Kunento exakayo lapha eNingizimu Afrika mayelana nombutho wezokuvikela iSouth African National Defence Force (SANDF).
Ngezikhathi zombangazwe kwakukhona amaqembu ayesungulwe ngenhloso yokuzivikela okuyiSelf Defence Unit (SDU) neSelf Protection Unit (SPU). Kwakunohulumeni bezabelo ababezimele. Nguhulumeni waKwaZulu kuphela ongawuthathanga uzimele geqe ngakho wawungenawo umbutho wezokuzivikela kodwa unamaphoyisa okwakuthiwa ngamaZP (Zulu Police).
Kuthe uma sesingena kuhulumeni wentando yeningi ngo-1994 ozimele geqe bahlakazwa babuyela ngaphakathi kweNingizimu Afrika kwathi imibutho yabo yokuzivikela yangena ngaphansi kombutho owodwa weSouth African National Defence Force.
Amaphoyisa angena kwiSouth African Police Service. Namaphoyisa kahulumeni waKwaZulu angena kwiSouth African Police Service kwahlakazwa imibutho yezokuvikela. Ngesikhathi singena kulumeni wentando yabantu kwahlakazwa uMkhonto Wesizwe okwakuwuphiko lwezempi lweANC, APLA okwakuwuphiko lwePAC ne-Azanian People Liberation okwakuwuphiko lwe- Azapo.
Inkinga yami ngazi ukuthi munye umbutho wezokuvikela lapha eNingizimu Afrika kodwa ngibona sengathi lo mbutho wahlakazwa ngomlomo kuphela. Ngeke ngiqinisekise ukuthi nasemabhukwini lo mbutho wacinywa unomphela. Kimina lo mbutho usaphila ngisho nanamhlanje ngalezi zizathu: Uma kushone ilungu le-ANC siyawubona uviliyela uzishaye zonke kwesinye isikhathi wethula izinkulumo. Umholi wawo nguMnuz Kebby Maphatsoe. Kubukeka sengathi awuhlakaziwe lo mbutho.
Ngesikhathi amaqembu aphikisayo ehlele ukuyomashela eLuthuli House efuna ukuthi umengameli Zuma ehle esikhundleni sawubona lo mbutho weMK unkanisile. Wawusuyephi umbutho ogunyazwe ukuvikela zonke izakhamuzi okungamaphoyisa? Mina ngithi sinanyekwa ngodaka emehlweni kuthiwe sewahlakazwa ekubeni usaphila.Kubukeka sengathi sinemibutho emibili lapha ezweni owokuqala owokuvikela izwe noma owesibili owe-ANC sibe sithi sisezweni elilodwa. Yisemkhulu Nzimande EPORT SHEPSTONE