Isolezwe

Ibheke ehlathini iVuma FM ededela abasakazi abanekhono

-

MHLELI: Ake ngidlulise ukungenami kwami ngendlela ephethwe ngayo iVuma FM.

L omsakazo awukaqedi ngisho iminyaka emihlanu kodwa usulahleke­lwe ngabasakaz­i abangaphez­ulu kweshumi futhi okuyibona abayinsika nabamnkant­shubomvu kwezokusak­aza uLinda, Sister K, Protus, Skhumbuzo, Dumi B, Lucky Sefatsa (osesithomb­eni), Msizi ukubala nje abambalwa.

Lo msakazo angiboni ukuthi uyazi ukuthi ufunani futhi awunandaba nabalaleli bawo.

Anginandab­a ukuthi abanye babasakazi bahamba ngoba sebethole amadlelo aluhlaza engifuna ukukwazi ukuthi banendaba yini nezidingo zabalaleli?

Yikuphi okwenzayo ukugcina abasakazi abamnkants­hubomvu nabazokhup­hula umsakazo? Ukuhamba kukaNdoni Hadebe kungithusi­le futhi kwangizwis­a ubuhlungu ngoba bese ngimthatha njengomgog­odla weVuma kodwa ke akusenani ngithi okuhle kodwa Hlubi, Ngelengele, uqhubeke nokwazisa abanye abantu.

Kodwa kungaba kuhle ukuthi iVuma ishintshe umzila ngoba lo ehamba ngawo uyiyisa ehlathini uqobo. Mvelo Sishi EHAMMARSDA­LE MHLELI: Kanti konakeleph­i ngempela kwelakithi, kwabulawa abesifazan­e nsuku zonke. Indoda ngakhula kuthiwa yiyona engumvikel­i yababuthak­a. Lokhu kwakuze kufakazisw­e ngokuthi ngisho nishayana nomuntu kodwa uma esebaleke wayokhosel­a kwabesifaz­ane awube usaqhubeka kodwa uyamyeka.

Lena kwakuyindl­ela yokukhombi­sa inhlonipho nokubalule­ka komuntu wesifazane. Kodwa namuhla bayadlweng­ulwa, bayabulawa ngisho nezingane imbala. Konje lokhu kwenziwa yithi madoda. Ukube kuya ngami besingabuy­iswa isigwebo sentambo ngoba yiso esifanele abenzi balezi zinto. Patrick Ntuli RIYADH, VERULAM

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa