Ibheke ehlathini iVuma FM ededela abasakazi abanekhono
MHLELI: Ake ngidlulise ukungenami kwami ngendlela ephethwe ngayo iVuma FM.
L omsakazo awukaqedi ngisho iminyaka emihlanu kodwa usulahlekelwe ngabasakazi abangaphezulu kweshumi futhi okuyibona abayinsika nabamnkantshubomvu kwezokusakaza uLinda, Sister K, Protus, Skhumbuzo, Dumi B, Lucky Sefatsa (osesithombeni), Msizi ukubala nje abambalwa.
Lo msakazo angiboni ukuthi uyazi ukuthi ufunani futhi awunandaba nabalaleli bawo.
Anginandaba ukuthi abanye babasakazi bahamba ngoba sebethole amadlelo aluhlaza engifuna ukukwazi ukuthi banendaba yini nezidingo zabalaleli?
Yikuphi okwenzayo ukugcina abasakazi abamnkantshubomvu nabazokhuphula umsakazo? Ukuhamba kukaNdoni Hadebe kungithusile futhi kwangizwisa ubuhlungu ngoba bese ngimthatha njengomgogodla weVuma kodwa ke akusenani ngithi okuhle kodwa Hlubi, Ngelengele, uqhubeke nokwazisa abanye abantu.
Kodwa kungaba kuhle ukuthi iVuma ishintshe umzila ngoba lo ehamba ngawo uyiyisa ehlathini uqobo. Mvelo Sishi EHAMMARSDALE MHLELI: Kanti konakelephi ngempela kwelakithi, kwabulawa abesifazane nsuku zonke. Indoda ngakhula kuthiwa yiyona engumvikeli yababuthaka. Lokhu kwakuze kufakaziswe ngokuthi ngisho nishayana nomuntu kodwa uma esebaleke wayokhosela kwabesifazane awube usaqhubeka kodwa uyamyeka.
Lena kwakuyindlela yokukhombisa inhlonipho nokubaluleka komuntu wesifazane. Kodwa namuhla bayadlwengulwa, bayabulawa ngisho nezingane imbala. Konje lokhu kwenziwa yithi madoda. Ukube kuya ngami besingabuyiswa isigwebo sentambo ngoba yiso esifanele abenzi balezi zinto. Patrick Ntuli RIYADH, VERULAM